Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 9:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Bheka, baletha kuye umuntu ofe uhlangothi elele ohlakeni. UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi: “Yima isibindi, ndodana; uthethelelwe izono zakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Base beletha kuye umuntu ofe uhlangothi, elele ohlakeni. UJesu ebona ukukholwa kwabo, wathi kofe uhlangothi: “Yima isibindi, ndodana, uthethelelwe izono zakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Bheka, baletha kuye umuntu ofe uhlangothi elele ohlakeni; uJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi; Ndodana, yimani isibindi; uthethelelwe izono zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Bheka, baletha kuye umuntu ofe uhlangothi elele ohlakeni; uJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi; Ndodana, yimani isibindi; uthethelelwe izono zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 9:2
32 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.


Ngesulile iziphambeko zakho njengefu, nezono zakho njengemilaza; buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”


Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.”


Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa.


usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi;


UJesu ekuzwa lokho wamangala, wathi kwabamlandelayo: “Ngiqinisile ngithi kini: Angizange ngifumane kwa-Israyeli ukukholwa okungaka kumuntu.


Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abaningi abakhwelwe ngamademoni, wakhipha omoya ngezwi, waphulukisa bonke abagulayo,


UJesu ephenduka wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi.


Ngokuba yikuphi okulula ukuthi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma ukuthi: ‘Vuka uhambe,’ na?


Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono –” khona wathi kofe uhlangothi: “Vuka, uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.”


Kwathi ukuba kuhlwe, selishonile ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nabakhwelwe ngamademoni.


Wayesema uJesu, wathi: “Mbizeni.” Bayibiza impumputhe, bathi kuyo: “Yima isibindi, usukume; uyakubiza.”


Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.”


Ngokuba bonke bambona, bethuka. Kepha washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.”


“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.”


nangokuba engaswele nobani amfakazele ngomuntu; wayekwazi yena okuphakathi komuntu.


UJesu wathi-ke kubo: “Bantwana, aninakho ukudla na?” Bamphendula bathi: “Qha.”


Yona yamuzwa uPawulu ekhuluma. Yena eyigqolozela wabona ukuthi inokukholwa kokuba iphiliswe,


baze bathatha amaduku nezindwangu emzimbeni wakhe, bazibeka phezu kwabagulayo; zase zisuka kubo izifo, nomoya ababi baphuma.


Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi; njengalokho ufakaze ngami eJerusalema, ngokunjalo umelwe ukufakaza naseRoma.”


kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga futhi ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukelisiwe ngaye ukubuyisana.


Kepha omunye uyakuthi: “Wena unokukholwa, mina nginemisebenzi,” ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi, nami ngizakukukhombisa ukukholwa ngemisebenzi yami.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka