Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 8:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UJesu wayesethi enduneni yekhulu: “Hamba, makube kuwe njengokukholwa kwakho.” Umfana wasinda ngaso leso sikhathi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

13 UJesu wayesethi enduneni yekhulu: “Hamba, makwenzeke kuwe njengokukholwa kwakho.” Umfana wasinda ngalo lelo hora.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 UJesu wasesithi enduneni yekhulu: Hamba; futhi njengoba ukholiwe, makwenzeke kuwe kanjalo. Futhi inceku yakhe yasinda ngaso leso sikhathi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UJesu wasesithi enduneni yekhulu: Hamba; futhi njengoba ukholiwe, makwenzeke kuwe kanjalo. Futhi inceku yakhe yasinda ngaso leso sikhathi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 8:13
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.


Khona uJesu waphendula, wathi kuye: “O mame, kukhulu ukukholwa kwakho; makube kuwe njengokuthanda kwakho.” Indodakazi yakhe yasinda kusukela kuleso sikhathi.


Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka; akukho okuyakunahlula.


UJesu wayesethi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, uyise umnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”


UJesu ephenduka wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi.


Wayesethi kuye: “Ngenxa yalelo zwi, hamba-ke; idemoni seliphumile endodakazini yakho.”


UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.”


Wathi kuyo uJesu: “Hamba, indodana yakho iphilile.” Lowo muntu wakholwa yizwi alishilo kuye uJesu, wahamba.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka