Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 3:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Yena uJohane wayenengubo yoboya bekamela noqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; ukudla kwakhe kwakuyizinkumbi nezinyosi zasendle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 UJohane wayenengubo yoboya bekameli noqhotho lwesikhumba okhalo lwakhe. Wayedla izinkumbi noju lwasendle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Yena uJohane wayenengubo yoboya bekamela, enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; ukudla kwakhe kwakuyizintethe nezinyosi zasendle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Yena uJohane wayenengubo yoboya bekamela, enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; ukudla kwakhe kwakuyizintethe nezinyosi zasendle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 3:4
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Zathi kuye: “Umuntu wayenengubo yoboya, ebhince ibhande* lesikhumba okhalweni lwakhe.” Wathi: “Bekungu-Eliya waseThishibi.”


ngaleso sikhathi uJehova wakhuluma ngesandla sika-Isaya indodana ka-Amose, wathi: “Hamba uthukulule indwangu yamasaka okhalweni lwakho, ukhumule izicathulo zakho ezinyaweni zakho.” Wenze njalo, wahamba ze, akafakanga nazicathulo.


kuzo ningadla lezi: isikhonyane ngezinhlobo zaso, namaboni ngezinhlobo zawo, namadiye ngezinhlobo zawo, nezintethe ngezinhlobo zazo.


“Kuyakuthi ngalolo suku abaprofethi babe namahloni, kube yilowo nalowo ngombono wakhe ekuprofetheni kwakhe, bangembathi ingubo yoboya ukuyokhohlisa;


“Bhekani, ngiyakuthuma kini u-Eliya umprofethi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.


“Ngokuba uJohane wafika engadli, engaphuzi; bathi: ‘Unedemoni.’


Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe ezinothonotho na? Bhekani, abembethe ezinothonotho basezindlini zamakhosi.


UJohane wayembethe eyoboya bekamela, enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe, edla izinkumbi nezinyosi zasendle.


Uyakuhamba ngaphambi kwayo emoyeni nasemandleni ka-Eliya ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nabangalaleliyo ekuqondeni kwabalungileyo, ukulungisela iNkosi isizwe esilungiselweyo.”


“Wamkhwelisa ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, wadla izithelo zamasimu, wammuncisa izinyosi edwaleni, namafutha eweni lensengetsha,


Ngiyakubanika ofakazi bami ababili ukuba baprofethe izinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha bembethe indwangu yamasaka.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka