Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 2:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kepha ezwa ukuthi sekubusa u-Arkelawu eJudiya esikhundleni sikaHerode uyise, wesaba ukuya khona; eseyaliwe nguNkulunkulu ngephupho wamuka waya kwelaseGalile;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

22 Kepha esezwile ukuthi sekubusa u-Arikhelawusi, indodana kaHerode, eJudiya, wesaba ukuya khona. Esexwayisiwe ngephupho, waya eGalile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Kodwa esezwile ukuthi u-Arkelawu usebusa eJudiya esikhundleni sikaHerodi uyise, wesaba ukuya khona;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kodwa esezwile ukuthi u-Arkelawu usebusa eJudiya esikhundleni sikaHerodi uyise, wesaba ukuya khona;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 2:22
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.


Ngokuba lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu phakade naphakade; uzakusihola kuze kube sekufeni.


Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni.


nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo,” noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.


Esazindla ngalokho, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele.


UJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi, bheka, kwafika izazi eJerusalema, zivela empumalanga, zithi:


Kepha uHerode esefile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala ngephupho kuJosefa eGibithe, yathi:


Wasuka-ke, wathabatha umntwana nonina, wafika ezweni lakwa-Israyeli.


Khona uJesu evela eGalile wafika kuJohane eJordani ukuba azobhapathizwa nguye.


Kwathi sebefeze konke okungokomthetho weNkosi babuyela eGalile emzini wakubo iNazaretha.


Baphendula, bathi kuye: “Kanti nawe ungowaseGalile na? Phenyisisa, ubone ukuthi akuveli mprofethi eGalile.”


Wathi uSamuweli: “Ngingahamba kanjani? Uma uSawule ekuzwa, uyakungibulala.” UJehova wathi: “Hamba nesithokazi, uthi: ‘Ngize ukuhlabela uJehova.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka