Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 2:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kwathi ziyaliwe nguNkulunkulu ngephupho ukuba zingabuyeli kuHerode, zabuyela ezweni lakubo ngenye indlela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Emveni kokuba sezixwayisiwe ngephupho ukuba zingabuyeli kuHerode, zaphindela ezweni lakubo ngenye indlela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Kwathi sezixwayisiwe nguNkulunkulu ephutsheni ukuthi zingabuyeli kuHerodi, zasuka zabuyela elizweni lakibo ngenye indlela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kwathi sezixwayisiwe nguNkulunkulu ephutsheni ukuthi zingabuyeli kuHerodi, zasuka zabuyela elizweni lakibo ngenye indlela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 2:12
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu weza kuLabani umAramu ephusheni ebusuku, wathi kuye: “Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okuhle noma okubi.”


Kodwa ababelethisi babemesaba uNkulunkulu, abenzanga njengalokho yasho kubo inkosi yaseGibithe, babasindisa abafana.


Khona yabonakaliswa imfihlakalo kuDaniyeli ngombono ebusuku. UDaniyeli wambonga uNkulunkulu wasezulwini.


Esazindla ngalokho, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele.


Sezimukile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho, ithi: “Vuka uthabathe umntwana nonina, ubalekele eGibithe, uhlale khona, ngize ngikutshele; ngokuba uHerode uzakumfuna umntwana ukuba ambhubhise.”


Kepha uHerode esefile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala ngephupho kuJosefa eGibithe, yathi:


Kepha ezwa ukuthi sekubusa u-Arkelawu eJudiya esikhundleni sikaHerode uyise, wesaba ukuya khona; eseyaliwe nguNkulunkulu ngephupho wamuka waya kwelaseGalile;


Esahlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba kulowo muntu olungileyo; ngokuba ngihluphekile kakhulu namuhla ngaye ephusheni.”


Kwakubonakalisiwe kuye ngoMoya oNgcwele ukuthi akayikubona ukufa engakamboni uKristu weNkosi.


Bathi: “UKorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, efakazelwa kahle esizweni sonke sabaJuda, uyaliwe yingelosi engcwele ukuba akubizele endlini yakhe, ezwe amazwi kuwe.”


Kepha oPetru noJohane baphendula, bathi kubo: “Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu,


Kepha uPetru nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.


Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli zwe kungubuwula kuNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo,”


Ngokukholwa uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, esaba uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, okungakho walahla izwe, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.


bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengokuba uMose wayalwa esezakwenza itabernakele* ngokuthi: “Bheka, wokwenza konke ngesifanekiso owaboniswa sona entabeni,”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka