Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 18:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha uma isandla sakho sikukhubekisa, kumbe unyawo lwakho, kunqume, ukulahle; kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini noma unyonga kunokuba uphonswe emlilweni ophakade unezandla zombili nezinyawo zombili.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Kepha uma isandla sakho sikukhubekisa noma ngabe wunyawo lwakho, kunqume, ukulahle. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini noma ulunyonga, kunokuba uphonswe emlilweni ongunaphakade unezandla zombili nezinyawo zombili.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Ngakho-ke uma isandla sakho noma unyawo lwakho kukukhubekisa, kunqume, ukulahle; kungcono kuwe ukungena ekuphileni ulunyonga noma ulunyonga kunokuba uphonswe emlilweni ophakade unezandla zombili noma izinyawo zombili.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngakho-ke uma isandla sakho noma unyawo lwakho kukukhubekisa, kunqume, ukulahle; kungcono kuwe ukungena ekuphileni ulunyonga noma ulunyonga kunokuba uphonswe emlilweni ophakade unezandla zombili noma izinyawo zombili.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 18:8
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Niyakujivaza okunamekiweyo kwezithombe zenu ezibaziweyo zesiliva nesimbozo sezithombe zenu ezibunjiweyo zegolide; uyakuzihlakaza njengokungcolileyo, uthi kukho: “Suka lapha.”


Izoni zaseSiyoni ziyesaba, ukuthuthumela kubambile abangenaNkulunkulu. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo; ngubani phakathi kwethu ongahlala nokunkewuzela okuphakade na?”


Lahlani kini zonke izeqo zenu eneqe ngazo, nizenzele inhliziyo entsha nomoya omusha, ngokuba uyakufelani wena ndlu yakwa-Israyeli na?


Kodwa-ke ukuba singabakhubekisi, yana elwandle, uphonse udobo, ubambe inhlanzi ephuma kuqala; wothi ukuba uyivule umlomo, uzakufumana imali; yithathe, ubanike, usithelele mina nawe.”


“Khona iyakuthi kwabangakwesokhohlo: ‘Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


“Laba bayakumuka, baye ekujezisweni okuphakade, kodwa abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.”


Kunjalo-ke yilowo nalowo kini ongavalelisi nakho konke anakho angebe ngumfundi wami.


Samemeza sathi: ‘Baba Abrahama, ngihawukele, uthume uLazaru, agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, aphozise ulimi lwami, ngokuba ngiyahlushwa kuleli langabi.’


Ubusuku sebuyaphela, imini isisondele. Ngakho-ke asilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome izikhali zokukhanya.


naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe esitsheni solaka lwakhe, lingaxutshiwe, ahlushwe ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.


Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka