Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 17:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kuthe sebezwa lokho abafundi, bawa ngobuso babo, besaba kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Kuthe lapho bekuzwa lokho abafundi, bathi mbo ngobuso phansi, ngokuba babethukile kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Kwathi abafundi bekuzwa, bawa ngobuso, besaba kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kwathi abafundi bekuzwa, bawa ngobuso, besaba kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 17:6
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wayesephakamisa amehlo akhe, wayibona ingelosi kaJehova imi emkhathini womhlaba nezulu, inenkemba ehoshiweyo esandleni sayo, yelulelwe phezu kweJerusalema. UDavide namalunga bembethe izindwangu zamasaka bawa ngobuso babo.


Ngasuka, ngaphuma ngaya ethafeni; bheka, inkazimulo kaJehova yayimi khona njengenkazimulo engayibona ngasemfuleni iKhebari, ngawa ngobuso bami.


Kwaba njengesimo sombono engawubonayo, yebo, njengombono engawubona lapho ngeza ukuwuchitha umuzi; imibono yayinjengombono engawubona ngasemfuleni iKhebari; ngawa ngobuso bami.


Wayesesondela lapho ngimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami; kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”


Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; sebekubona abantu bonke bananela, bakhothamela phansi ngobuso.


Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”


Kepha uJesu wasondela, wabathinta, wathi: “Sukumani, ningesabi.”


ngawa phansi emhlabathini, ngezwa izwi lithi kimi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na?’


kwathi sesiwile phansi sonke emhlabathini, ngezwa izwi likhuluma kimi ngo limi lwesiHeberu, lithi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.’


lelo zwi salizwa thina livela ezulwini, sikanye naye entabeni engcwele.


Kwathi ilangabi lisaphuma e-altare lenyukela ngasezulwini, ingelosi kaJehova yenyuka elangabini le-altare; uManowa nomkakhe babukela; bawa ngobuso emhlabathini.


UManowa wathi kumkakhe: “Siyakufa nokufa, ngokuba simbonile uNkulunkulu.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka