Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 13:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Wakhuluma kubo okuningi ngemizekeliso, wathi: “Kwake kwaphuma umhlwanyeli wayohlwanyela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Wakhuluma kubo izinto eziningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wakhuluma kubo izinto eziningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 13:3
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngizakubeka indlebe yami kuso isaga, ngiphenye imfumbe yami ngehabhu.*


Ngizakuvula umlomo wami ngomfanekiso, ngibonakalise izimfihlakalo zasendulo.


“Ndodana yomuntu, yisho imfumbe, ukhulume ngomfanekiso kuyo indlu yakwa-Israyeli,


Ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bathi ngami: ‘Asithi uyalinganisa ngezaga na?’ ”


Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani, bakhale isililo, bathi: ‘Sichithiwe nokuchithwa; isabelo sabantu bami sinikwa omunye; yeka ukubuya kwakhe kimi; abahlubuki babelwa amasimu ethu.’ ”


“Bona abayikuphakamisa isaga nomfanekiso wemfumbe ngaye, bathi: “ ‘Wo kuyena owandisa okungesikho okwakhe koze kube nini na? – nozisindisa ngezibambiso!’


Ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda.


Kwathi uJesu eseqedile leyo mifanekiso, wamuka lapho.


UJesu wathatha wakhuluma futhi kubo ngemifanekiso, wathi:


“Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithamba, lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze.


Wayeseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.


Base befuna ukumbamba, kepha besaba isixuku; ngokuba bazi ukuthi ukhulume lo mfanekiso ngabo. Base bemshiya bamuka.


Wayesebabiza, wakhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “USathane angakhipha kanjani uSathane na?


Wayesethi kubo: “Aniwazi lo mfanekiso; pho, niyakuyazi kanjani yonke imifanekiso na?


Walikhuluma izwi kubo ngemifanekiso eminingi enjalo njengamandla abo okuzwa;


UPetru wayesethi kuye: “Nkosi, usilandisa thina lo mfanekiso nokuba bonke na?”


Wathi-ke: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha abanye bakuphiwa ngemifanekiso ukuba bebona bangaboni, bezwa bangaqondi.


“Ngikhulume lokho kini ngemifanekiso; isikhathi siyeza, lapho ngingasayikukhuluma ngemifanekiso; kodwa ngiyakunitshela ngoBaba ngokusobala.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka