Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KuThithu 3:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 amthelayo kakhulu phezu kwethu ngaye uJesu Kristu uMsindisi wethu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 amthululela ngokwevileyo phezu kwethu, ngaye uJesu Khristu uMsindisi wethu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 eyasithululela phezu kwethu ngokuchichimayo ngoJesu Kristu uMsindisi wethu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 eyasithululela phezu kwethu ngokuchichimayo ngoJesu Kristu uMsindisi wethu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KuThithu 3:6
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Buyani ngokusola kwami; bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu, nginazise amazwi ami.


uMoya aze athululwe phezu kwethu evela phezulu, nehlane liphenduke insimu, nensimu ithiwe ihlathi.


Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo, nezikhukhula phezu kokushileyo, ngithulule uMoya wami phezu kwenzalo yakho, nesibusiso sami phezu kwabantwana bakho;


Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


“Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono;


Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.


Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma ubusazi isipho sikaNkulunkulu nokuthi ngubani othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ nga ucele kuye, yena nga ekunikile amanzi aphilayo.”


Kepha ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.


Abokusoka abakholwayo ababefikile noPetru bamangala kakhulu, ngokuba isipho sikaMoya oNgcwele sitheliwe naphezu kwabezizwe.


ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.


Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene, neyokubekezela, neyenyewe yakhe, ungazi ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuyisa ekuphendukeni na?


ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.


Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa.


Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele ngaphiwa lowo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo


ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka kade nokubekezelelana ngothando,


Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,


kuThithu, umntanami ngempela ngokokukholwa esikuhlanganyele sonke: Makube kuwe umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu uMsindisi wethu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka