Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KuThithu 2:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 babe ngabaqondileyo, abamhlophe, abaphatha kahle amakhaya, abamnene, abathobela amadoda abo ukuba izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 babe ngabanengqondo, abamsulwa, abaphatha kahle amakhaya abo, abalungile, abathobela abayeni babo, ukuze lingahlanjalazwa izwi likaNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 babe ngabaqondayo, abamhlophe, abagcina imizi, abalungile, abathobela amadoda abo, ukuze izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 babe ngabaqondayo, abamhlophe, abagcina imizi, abalungile, abathobela amadoda abo, ukuze izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KuThithu 2:5
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Athi kuye: “Uphi uSara umkakho na?” Wathi: “Nangu etendeni.”


Wathi kowesifazane: “Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho; uyakubeletha abantwana ngobuhlungu. Ukunxanela kwakho kuyakuba sendodeni yakho; yona iyakukubusa.”


Nokho, ngokuba ngaleso senzo waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze, umntwana omzalelweyo uyakufa nokufa.”


Nkulunkulu, koze kube nini umcindezeli ethuka, isitha sihlambalaza igama lakho njalo, na?


Uyanyakaza engenakuthula; izinyawo zakhe azihlali endlini yakhe;


EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa; yena wayenemisebenzi eminingi emihle nokwabela abampofu izipho.


Wayesesuka uPetru, wahamba nabo. Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; abafelokazi bonke beza kuye bekhala, bembonisa izambatho nezingubo abezenzile uDorka esenabo.


Ngalokho okuhle kwenu makungahlanjalazwa.


Ngokuba igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa phakathi kwabezizwe ngenxa yenu, njengalokho kulotshiwe.


Kepha-ke ngithanda ukuba nazi ukuthi inhloko yawo onke amadoda inguKristu, nenhloko yowesifazane iyindoda, nenhloko kaKristu inguNkulunkulu.


abesifazane mabathule emabandleni; ngokuba kabavunyelwe ukuba bakhulume, kepha mabazithobe, njengokuba usho njalo nomthetho.


Nani-ke, yilowo nalowo makathande umkakhe njengokuba ezithanda yena, kepha umfazi makahloniphe indoda yakhe.


Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.


ebongwa ngemisebenzi emihle, uma ondlile abantwana, uma engenisile izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esizile abahluphekayo, uma ekhuthalele umsebenzi wonke omuhle.


Bonke abayizigqila phansi kwejoka mabathi abanumzane babo bafanele ukutuswa impela, ukuze igama likaNkulunkulu nesifundiso kungahlanjalazwa.


ukuze bafundise abesifazane abasha ukuthanda amadoda abo, bathande nabantwana babo;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka