Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 9:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 kodwa kwelesibili kungena umpristi omkhulu yedwa kanye ngomnyaka, kungengaphandle kwegazi anikela ngalo ngenxa yakhe uqobo nangenxa yezono zabantu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Kepha ngumphristi omkhulu kuphela ongena engxenyeni yesibili engcwelengcwele kanye ngonyaka, ephethe igazi lokuzonikelela yena uqobo, nangenxa yezono abantu abazenze ngokungazi nangokungaqondi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Kodwa kweyesibili umpristi omkhulu yedwa kungena kanye ngomnyaka, kungeyisikho ngaphandle kwegazi, azinikela ngenxa yakhe langenxa yeziphambeko zabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa kweyesibili umpristi omkhulu yedwa kungena kanye ngomnyaka, kungeyisikho ngaphandle kwegazi, azinikela ngenxa yakhe langenxa yeziphambeko zabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 9:7
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, uNkulunkulu wamshaya lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela khona ngasemphongolweni kaNkulunkulu.


UManase wadukisa uJuda nabakhileyo eJerusalema, baze benza okubi kunabezizwe uJehova abachitha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Ngubani owazi iziphosiso zakhe na? Ngithethelele kwezisithekileyo.


Iminyaka engamashumi amane nganengwa yileso sizukulwane, ngaze ngathi: “Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile, abazazanga izindlela zami,”


U-Aroni uyakwenzela izimpondo zalo ukubuyisana kanye ngomnyaka; ngegazi lomnikelo wesono wokubuyisana kanye ngomnyaka uyakulenzela ukubuyisana ezizukulwaneni zenu; lingcwelengcwele kuJehova.”


Nalabo baduka ngewayini; ngophuzo olunamandla bayatengezela; abapristi nabaprofethi bayaduka ngophuzo olunamandla, bayatengezela ngophuzo olunamandla; bayaduka ekuboneni, bakhubeka ekwahluleleni.


ngalokho ngiyakubuye ngenzele laba bantu izenzo ezimangalisayo, izimangaliso impela; ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo babo kuyakuphela, nokuqonda kwabaqondileyo babo kuyakusitheka.”


Abantu bami-ke izingane ziyabacindezela, nabesifazane bayababusa. O bantu bami, abaniholayo bayanidukisa; bachitha indlela yemikhondo yakho.


Ngokuba abahola laba bantu bayabadukisa, nabaholwa yibo bayagwinywa.


Abantu bami babuza emthini, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngokufeba.


Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana ngenxa yezono zabo zonke kanye ngomnyaka. Wenza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose.


Woletha kumpristi inqama engenasici yasemhlambini njengokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala, umpristi amenzele ukubuyisana ngesiphosiso aphosise ngaso engazi, aze athethelelwe.


Onejubane uyakuswela ukubaleka; onamandla akayikuqinisa amandla akhe, neqhawe aliyikuzikhulula.


Umpristi uyakuyenzela yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana, baze bathethelelwe, ngokuba kwakungengamabomu, futhi balethile umnikelo wabo, umnikelo womlilo kuJehova, nomnikelo wabo wesono phambi kukaJehova ngesiphosiso sabo;


behlwelwe emqondweni, behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu ngokungazi okukubo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yabo,


Kodwa kuleyo mihlatshelo kukhona ukukhunjulwa kwezono iminyaka ngeminyaka;


esinalo njengehange* lomphefumulo, liqinile, ligxilile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo,


ongadingi imihla ngemihla njengalabo bapristi abakhulu ukunikela ngemihlatshelo ngenxa yezakhe izono kuqala nangasemuva ngenxa yezabantu; ngokuba wenza lokho kanye mhla ezinikela yena.


ngasemva kwesihenqo sesibili kwakukhona itabernakele* elithiwa elingcwelengcwele,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka