Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 6:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba akunakwenzeka ukuba labo asebake bakhanyiswa banambitha isiphiwo sasezulwini, benziwa abahlanganyeli kuMoya oNgcwele,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Ngokuba akunakwenzeka ukuba labo asebake bakhanyiswa, banambitha isiphiwo sasezulwini, benziwa abahlanganyeli kuMoya oNgcwele,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Ngokuba akunakwenzeka ngalabo asebake bakhanyiswa, banambitha isiphiwo sasezulwini, benziwa abahlanganyeli kuMoya oNgcwele,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba akunakwenzeka ngalabo asebake bakhanyiswa, banambitha isiphiwo sasezulwini, benziwa abahlanganyeli kuMoya oNgcwele,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 6:4
38 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

umpristi ayibheke emva kokuhlanzwa kwesifo; bheka, uma ibala lingaphendulile umbala walo, lingandile, ingcolile; woyishisa ngomlilo; kungumcothu odlayo noma iqothukile ngaphakathi noma ngaphandle.


“Uma isifo sibuye siqhamuka endlini emva kokukhishwa kwamatshe nasemva kokuphalwa kwendlu nasemva kokunamekwa kwayo,


Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “UBileyamu indodana kaBeyori uthi, umuntu omehlo akhe avuliwe uthi,


Abesehamba-ke, abuye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale khona; kuthi ukugcina kwalowo muntu kuba kubi kunokuqala. Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi.”


“Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu.


Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashe.


UJohane waphendula wathi: “Umuntu angelwamukele utho, uma engaluphiwanga luvela ezulwini.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma ubusazi isipho sikaNkulunkulu nokuthi ngubani othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ nga ucele kuye, yena nga ekunikile amanzi aphilayo.”


UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Kwakungesiye uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.


Abokusoka abakholwayo ababefikile noPetru bamangala kakhulu, ngokuba isipho sikaMoya oNgcwele sitheliwe naphezu kwabezizwe.


Ngakho uma uNkulunkulu ebanikile bona isipho njengathi esakholwa yiNkosi uJesu Kristu, ngingubani mina ukuba ngivimbele uNkulunkulu na?”


UNkulunkulu owazi inhliziyo wabafakazela, ebapha uMoya oNgcwele njengathi;


Kepha uPetru wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali.


Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe,


okukubona abangakholwa unkulunkulu waleli zwe uphuphuthekisile ingqondo yabo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.


Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.


Yilokhu kuphela engithanda ukukwazi kinina ukuthi: Namukeliswa uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?


Ngakho yena oninikayo uMoya noveza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?


ekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, nize nazi okuyithemba lobizo lwakhe nokuyingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele,


Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;


engenziwa isikhonzi salo ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe ngokokusebenza kwamandla akhe.


Kepha yilowo nalowo kithina uphiwe umusa ngokwesilinganiso sesipho sikaKristu.


Ungasidebeseli isiphiwo esikuwe, owasiphiwa ngezwi lokuprofetha nangokubekwa izandla ngamalunga.


ibalaya ngomoya omnene abamelene nayo, kumbe uNkulunkulu angabanika ukuphenduka, baze balazisise iqiniso,


U-Aleksandru, umkhandi wethusi wenza okubi okuningi kimi; iNkosi iyakumbuyisela ngokwemisebenzi yakhe;


Kepha khumbulani izinsuku zakuqala okwathi ngazo senikhanyisiwe nakhuthazela empini enkulu yezinhlupheko,


uNkulunkulu futhi efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla eyizinhlobo nhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe.


Uma umuntu ebona umzalwane wakhe ona ngesono esingesiso esokufa, makacele, uyakumnika ukuphila, ekunika labo abenza isono esingesiso esokufa. Sikhona isono sokufa; angisho ukuba kucelwe ngaleso.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka