Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 11:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngakho-ke kwavela koyedwa, yena enjengosewafa, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Ngakho-ke koyedwa, owayesefana nonjengosewafa, kwavela abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Ngakho-ke kwazalwa ngoyedwa, yena engofileyo, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, nangangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngakho-ke kwazalwa ngoyedwa, yena engofileyo, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, nangangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 11:12
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wamphumisela ngaphandle, wathi: “Bheka ngasezulwini, ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wathi kuye: “Kuyakuba njalo inzalo yakho.”


ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo,


Ngiyakwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngiyiphe inzalo yakho onke lawa mazwe; ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba,


Wathi wena: ‘Impela ngiyakukwenzela okuhle, ngenze inzalo yakho ibe ngangesihlabathi solwandle esingebalwe ngobuningi.’ ”


“Ngalokho ngiyaluleka ukuba wonke u-Israyeli abuthane kuwe, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba, ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi, wena uqobo lwakho uye empini.


OJuda no-Israyeli babe baningi ngangesihlabathi solwandle ngobuningi, bedla, bephuza, bejabula.


Kepha uDavide akabalanga umumo waba neminyaka engamashumi amabili nabangaphansi, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakwandisa u-Israyeli ukuba abe ngangezinkanyezi zezulu.


Nabantwana babo wabandisa ngangezinkanyezi zezulu, wabangenisa ezweni owasho ngalo koyise ukuthi bayakungena ukulidla.


Khumbula o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, izinceku zakho, owazifungela kubo, wathi kubo: ‘Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yenu lonke leli zwe engikhulumile ngalo, idle ifa lalo kuze kube phakade.’ ”


Ngokuba noma abantu bakho, Israyeli, bengangesihlabathi solwandle, kuyakubuya phakathi kwabo insali nje; ukuchithwa kunqunyiwe, okuchichima ukulunga.


nenzalo yakho yayiyakuba ngangesihlabathi, nabantwana bezibilini zakho njengezinhlamvu zaso; igama lakhe nga linganqunywanga, lachithwa ngaphambi kwami.”


Njengebandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa inzalo kaDavide inceku yami namaLevi angikhonzayo.’ ”


“Nokho umumo wabantwana bakwa-Israyeli uyakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa, singenakubalwa; kuyakuthi esikhundleni sokuba kuthiwe kubo: ‘Anisibo abantu bami,’ kuthiwe kubo: ‘Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo.’


Zonke zifikela indluzula, ubuso bazo bujonga phambili; zibutha abathunjwa njengesihlabathi.


U-Isaya umemeza ngo-Israyeli, uthi: “Nokuba umumo wabantwana bakwa-Israyeli ungangesihlabathi solwandle, yinsali eyakusindiswa,


uJehova uNkulunkulu wenu unandisile; bhekani, namuhla ningangezinkanyezi zezulu ngobuningi.


Niyakushiywa nibe yingcosana, ingani naningangezinkanyezi zezulu ngobuningi, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho.


Aphuma wona nawo onke amabandla awo enawo, abantu abaningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi, namahhashi nezinqola eziningi kakhulu.


aphumele ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, oGogi noMagogi, azibuthele ekulweni ezimumo wazo ungangesihlabathi solwandle.


AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abasempumalanga bahlala esigodini njengesikhonyane ngobuningi; amakamela abo ayengenakubalwa, engangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi.


Wayesethi kubo: “UJehova ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami.” Bathi: “Ungufakazi.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka