Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 1:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha ngeNdodana uthi: “Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade naphakade; intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Kepha ngeNdodana, uthi: “Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, simi kuze kube phakade; nentonga yokulunga, iyintonga yombuso wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Kodwa eNdodaneni uthi: Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade laphakade, intonga yokulunga intonga yombuso wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kodwa eNdodaneni uthi: Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade laphakade, intonga yokulunga intonga yombuso wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 1:8
33 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu ka-Israyeli wathi, iDwala lika-Israyeli lakhuluma kimi ukuthi: ‘Obusa abantu ngokulunga, abuse ngokumesaba uNkulunkulu,


Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade; ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.


Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga.


Amandla eNkosi athanda okulungileyo, umisile ubuqotho; ukwahlulela nokulunga ukwenzile kwaJakobe.


KuJehova yonke inzalo kaJakobe yakwa-Israyeli iyakulungisiswa, ibe nodumo.


Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.


UJeremiya wathi kuSedekiya: “Uma ngikutshela, awuyikungibulala nokungibulala na? Uma ngikululeka, awuyikungilalela.”


Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyihawukela, ngibasindise ngoJehova uNkulunkulu wabo, ngingabasindisi ngomnsalo, nangenkemba, nangokulwa, nangamahhashi, nangabamahhashi.”


Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibaphendule, ngithi: ‘Bangabantu bami;’ base bethi: ‘UJehova unguNkulunkulu wami.’ ”


Thokoza kakhulu, ndodakazi yaseSiyoni; jabula nokujabula, ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.


“Bhekani, ngiyathuma isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzumayo ethempelini layo; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bheka, siyeza,” usho uJehova Sebawoti.


“Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”.


ngobungcwele nangokulunga phambi kwayo zonke izinsuku zethu.


Bamphendula abaJuda, bathi: “Asikukhandi ngenxa yomsebenzi omuhle kepha ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu ozenza uNkulunkulu.”


UTomase waphendula, wathi kuye: “Nkosi yami, Nkulunkulu wami!”


abangababo okhokho avela kubo uKristu ngokwenyama, yena onguNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube phakade. Amen.


Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe.


izwe labantwana bakwa-Amoni nokho awusondelanga kulo, uhlangothi lomfula iJaboki, nemizi esezintabeni, nakuphi lapho uNkulunkulu wasenqabela khona.


Uyakubusiswa ngaphezu kwezizwe zonke, kungabikho mlisa nowesifazane oyinyumba phakathi kwenu noma phakathi kwezinkomo zenu.


Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi: Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni, wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.


Ngokuba ngokwenze njalo niyakuphiwa ngokwengcebo ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Kristu.


Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka