Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 8:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Bathi ukuzwa lokho, belahlwa yizinhliziyo zabo baphuma ngabanye, beqalela kwabadala kwaze kwaba ngabokugcina, uJesu wasala yedwa; nowesifazane wayemi khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Bathi ukuzwa lokho, baphuma ngamunye ngamunye, kuqala kwabadala kwaze kwaba ngabokugcina. UJesu wasala yedwa nowesifazane emile khona lapho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Labo abakuzwayo belahlwa ngunembeza wabo, baphuma ngamunye ngamunye, beqalela kwabadala kwaze kwaba kwabokugcina; uJesu wasala yedwa, nowesifazane emi phakathi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Labo abakuzwayo belahlwa ngunembeza wabo, baphuma ngamunye ngamunye, beqalela kwabadala kwaze kwaba kwabokugcina; uJesu wasala yedwa, nowesifazane emi phakathi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 8:9
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi ku-Eliya: “Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na? Uze kimi ukuba kukhumbuleke isono sami nokuba kubulawe indodana yami.”


Inkosi yathi futhi kuShimeyi: “Wena uyazi konke okubi okwaziwa yinhliziyo yakho, owakwenza kuDavide ubaba; ngalokho uJehova uyakubuyisela ububi bakho ekhanda lakho.


Izulu liyakwambula ububi bakhe, umhlaba umvukele.


ukuthi ukujabula kwababi kufushane, nokuthokoza kwabangenaNkulunkulu kungokokuphazima kweso nje, na?


Mabajabhe, babe namahloni bonke abafuna umphefumulo wami ukuba bawuhlwithe; abafisa ukulimala kwami mababuyiselwe emuva, bajabhiswe.


Lokho ukwenzile, ngathula; ushaye sengathi nginjengawe; ngizakukulaya, ngikubeke phambi kwamehlo akho.


Abamelene nomphefumulo wami mabajabhe, baphele; abangifunela umonakalo mabembathe amahloni nenhlamba.


ngokuba kaninginingi inhliziyo yakho iyazi ukuba nawe ubathukile abanye.


Wathi ukuba asho lokho, bajabha bonke ababemelene naye; isixuku sonke sathokoza ngemisebenzi yonke yenkazimulo eyenziwe nguye.


UJesu wayeselulama; engaboni muntu ngaphandle kowesifazane wathi kuye: “Sifazane, baphi labo bamangaleli bakho na? Akakho okulahlayo na?”


Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”


Ekuseni kakhulu wabuye weza ethempelini; abantu bonke beza kuye; wayesehlala phansi, wabafundisa.


Kepha ababhali nabaFarisi baletha kuye owesifazane ebanjwe ephinga; sebemmise phakathi kwabo,


Waphinda wakhothama, waloba emhlabathini.


babonakalisa ukuthi umsebenzi womthetho ulotshiwe ezinhliziyweni zabo, nonembeza wabo uyafakaza naye, imicabango yabo imangalelana noma ivunana,


Wena othi akungaphingwa, uyaphinga na? Wena owenyanya isithombe, uphanga ithempeli na?


ngokuthi uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi uyazi konke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka