Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 8:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokummangalela. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Babekusho lokhu bemlinga, ukuze babe notho lokummangalela. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokumbeka icala. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini, kungathi akezwanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokumbeka icala. Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini, kungathi akezwanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 8:6
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJuda uyibhongo lengonyama. Wenyuke empangweni, ndodana yami. Uguqile, ulele njengengonyama nanjengengonyamakazi; ngubani oyakumvusa na?


Ngithe: “Ngizakulinda izindlela zami ukuba ngingoni ngolimi lwami; ngizakugcina umlomo wami ngesifonyo, omubi esekhona phambi kwamehlo ami.”


Odlula nje ehlanganyela ukuxabana okungesikho okwakhe unjengobamba inja ngezindlebe zayo.


isikhathi sokuklebhula nesikhathi sokuthunga, isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma;


O, themba lika-Israyeli, Jehova, bonke abakushiyayo bayakujabha; abachezuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.


Ngasona leso sikhathi kwavela iminwe yesandla somuntu, yaloba maqondana nothi lwezibani kokunamekiweyo kodonga lwendlu yenkosi; inkosi yabona inxenye yesandla esalobayo.


Bayamzonda ofakazela ukulunga esangweni; okhuluma ubuqotho banengwa nguye.


Ngalokho ohlakaniphileyo uyakuthula ngaleso sikhathi, ngokuba kuyisikhathi esibi lesi.


lokhu bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibithe nasehlane bengilingile kayishumi, abalalela izwi lami,


Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


Kepha akamphendulanga ngazwi. Base besondela kuye abafundi bakhe, bamncenga, bathi: “Mmukise ngokuba uyakhala emva kwethu.”


AbaFarisi nabaSadusi beza bemlinga bacela kuye ukuba ababonise isibonakaliso esivela ezulwini.


Kwase kusondela kuye abaFarisi, bamlinga bathi: “Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?”


Kepha uJesu ebazi ububi babo wathi: “Bazenzisi, ningilingelani na?


Omunye wabo, isazimthetho, wamlinga, wathi:


Kepha uJesu wathula. Wayesethi kuye umpristi omkhulu: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.”


Kwase kusondela kuye abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo, bemlinga.


Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu,* ngimbone.”


Bamqaphela ukuba uzakumphilisa yini ngesabatha, ukuze bambeke icala.


Khona kwafika abaFarisi, baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga.


Bheka, kwase kusukuma isazimthetho esithile, samlinga sathi: “Mfundisi, ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”


Abanye bemlinga bafuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini.


Ekuseni kakhulu wabuye weza ethempelini; abantu bonke beza kuye; wayesehlala phansi, wabafundisa.


Futhi asingayilingi iNkosi njengabanye kubo bayilinga, babhujiswa yizinyoka.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka