Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 1:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Konke kwavela ngaye; akukho lutho olwadalwayo kukho konke okudaliweyo, olungavelanga ngaye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Zonke izinto zenziwa nguye; ngaphandle kwakhe akubangakho lutho olwenziwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Zonke izinto zenziwa nguye; ngaphandle kwakhe akubangakho lutho olwenziwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 1:3
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.


UNkulunkulu wathi: “Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.”


Endulo wawusekela umhlaba, izulu lingumsebenzi wezandla zakho.


Ngezwi likaJehova izulu lenziwa, namabandla onke ngomoya womlomo wakhe.


khona nganginaye ngiyingcweti yomsebenzi, ngiyintokozo yakhe imihla ngemihla, ngijabula phambi kwakhe isikhathi sonke,


Yimi engiwenzile umhlaba, ngadala abantu phezu kwawo; mina ngezandla zami ngeneka izulu, nebandla lalo lonke ngiliyalezile.


Ngokuba usho kanje uJehova, owalidala izulu, onguNkulunkulu, owawubumba umhlaba, wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguJehova, akakho omunye.


Wayekhona ezweni, izwe lavela ngaye; kepha izwe alimazanga.


Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu.


nokho kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela kuye konke, nathi sikhonela yena, nenkosi inye, uJesu Kristu, okungaye konke, nathi sikhona ngaye.


nokubakhanyisela ukuthi luyini uhlelo lwemfihlakalo ebifihliwe kwaphakade kuNkulunkulu owadala izinto zonke,


Ngokukholwa siqonda ukuthi izwe lonke ladatshulwa ngezwi likaNkulunkulu, kuze kuthi okubonwayo akuvelanga kokubonwayo.


Yilowo nalowo okholwa ukuthi uJesu unguKristu uzelwe nguNkulunkulu, nalowo othanda ozeleyo uthanda naye ozelwe nguye.


“Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: “Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekayo noqinisileyo, ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi:


“Ufanele wena Nkosi yethu noNkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba khona, zadalwa.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka