Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 9:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wawa phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Wawela phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawula, Sawula, ungihluphelani na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Wawa phansi, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wawa phansi, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 9:4
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yathi: “Hagari, ncekukazi kaSarayi, uvelaphi na? Uyangaphi na?” Wathi: “Ngibaleka ebusweni bukaSarayi inkosikazi yami.”


Kwase kumemeza kuye ingelosi kaJehova isezulwini, ithi: “Abrahama, Abrahama!” Yena wathi: “Ngilapha.”


Kepha uJehova uNkulunkulu wambiza u-Adamu, wathi kuye: “Uphi na?”


UNkulunkulu esebona ukuthi uyaphambuka ukuyobuka, uNkulunkulu wambiza ephakathi kwesihlahla, wathi: “Mose, Mose!”


Futhi ngezwa izwi leNkosi lithi: “Ngiyakuthuma bani, ngubani oyakusiyela na?” Ngase ngithi: “Bheka, nangu mina; ngithume mina.”


Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye, ingelosi yobuso bakhe yabasindisa; ngothando lwakhe nangokuhawukela kwakhe wabahlenga, wabanqukula, wabathwala zonke izinsuku zakuqala.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti ongithumile ukulanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaziniphanga ngokuba othinta nina uthinta inhlamvu yeso lakhe uthi:


“Khuphuka kule nhlangano ukuba ngibaqede ngokuphazima kweso.” Bawa ngobuso babo.


“Isiyakuphendula iNkosi, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile kimi.’


Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Marta, Marta, unakekela, ukhathazeka ngezinto eziningi.


Kuthe-ke ukuba athi kubo: “Yimina,” bahlehla nyovane, bawa phansi.


UJesu wathi kuye: “Mariya!” Waphenduka, wathi kuye ngesiHeberu: “Rabuni,” okungukuthi: “Mfundisi.”


Khona sebedlile uJesu wathi kuSimoni Petru: “Simoni kaJona, uyangithanda kunalaba na?” Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.” Wathi kuye: “Yipha amawundlu ami.”


Wayesewa phansi masinyane ngasezinyaweni zakhe, wafa; izinsizwa zangena, zamfumana efile, zamkhiphela phandle, zammbela ngasendodeni yakhe.


Wayesethi: “Ungubani, Nkosi?” Yathi: “Mina nginguJesu omzingelayo wena;


Bheka-ke ububele nobukhali bukaNkulunkulu; ubukhali kulabo abawayo kepha kuwe ububele bukaNkulunkulu, uma uhlala ebubeleni; uma kungenjalo, uzakunqunywa nawe.


Ngokuba njengomzimba umunye, kepha unezitho eziningi, nezitho zonke zomzimba, nokuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo-ke noKristu.


Ngokuba ngubani okhetha wena na? Unantoni ongayamukeliswanga na? Kepha uma uyamukelisiwe, uzibongelani kungathi awuyamukeliswanga na?


ngokuba singamalungu omzimba wakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka