Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 8:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha kwakukhona indoda ethile, nguSimoni igama layo, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, isimangalisa isizwe saseSamariya, izishaya umuntu omkhulu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Kwakukhona indoda ethile igama layo kunguSimoni, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, imangalisa abantu abaningi baseSamariya, izishaya umuntu omkhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Kepha kwakukhona indoda ethile, igama layo linguSimoni, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, ibhuqa abantu baseSamariya, izitshela ukuthi ingumuntu omkhulu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kepha kwakukhona indoda ethile, igama layo linguSimoni, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, ibhuqa abantu baseSamariya, izitshela ukuthi ingumuntu omkhulu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 8:9
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Khona uFaro wabiza izihlakaniphi nabalumbi; izanusi zaseGibithe nazo zenze njalo ngemilingo yazo.


Izanusi zaseGibithe zenze njalo ngemilingo yazo, yaze yaba lukhuni inhliziyo kaFaro; kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.


Izanusi zazingenakuma phambi kukaMose ngenxa yamathumba, ngokuba amathumba ayekhona kuzo izanusi nakubo bonke abaseGibithe.


“ ‘Nalowo muntu ophendukela kwabanamadlozi nakubathakathi ukuya kubo ukuba aphinge, ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.


Okhuluma ngokwakhe ufuna udumo lwakhe; kepha ofuna udumo lomthumileyo lowo uqinisile; akukho ukungalungi kuye.


Sebedabule isiqhingi sonke, baze bafika ePhafu, bafumana indoda ethile eyisanusi nomprofethi wamanga, umJuda, ogama lakhe linguBarjesu,


Kodwa u-Eluma, isanusi, ngokuba linjalo igama lakhe ngokuhunyushwa, wamelana nabo, wafuna ukuphambukisa umbusi ekukholweni.


Ngokuba ngaphambi kwalezi zinsuku kwasuka uThewuda ezishaya omkhulu; kwanamathela kuye amadoda angathi amakhulu amane; wabulawa yena nabo bonke abamlalelayo, bachitheka, baphela.


babenamathela kuye, ngokuba ebamangalisile isikhathi eside ngemilingo yakhe.


omelana nakho konke, nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu.


ngokuba abantu bazakuba ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo,


nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika; labo-ke wobagwema.


Ngokuba bekhuluma udwadwa, amazwi ayize, babayenga ngezinkanuko zenyama nangamanyala labo abasaphephayo abahamba ngokuduka;


Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka