Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 5:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Lisekhona belingesilo elakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Uyibekeleni leyo nto enhliziyweni yakho na? Awuqambanga amanga kubantu kepha kuNkulunkulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Le ndawo ingakathengiswa bekungesiyo yini eyakho na? Lapho seyithengisiwe ibingekho yini emandleni akho na? Pho yini unqume ukwenza lobu bubi enhliziyweni yakho na? Awuqambanga nje amanga kubantu kodwa kuNkulunkulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Isekhona ibingesiyo eyakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Ufakeni le nto enhliziyweni yakho na? awuqambanga amanga kubantu, kepha kuNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Isekhona ibingesiyo eyakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Ufakeni le nto enhliziyweni yakho na? awuqambanga amanga kubantu, kepha kuNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 5:4
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyazi, Nkulunkulu wami, ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, futhi sengibonile ngokujabula abantu bakho abakhona lapha ukuthi nabo banikele kuwe ngokuthokoza.


Futhi njengokuba ngiyenamela indlu kaNkulunkulu wami, nginengcebo yegolide nesiliva, ngiyanika indlu kaNkulunkulu wami yona phezu kwakho konke engikulungisele indlu engcwele,


igolide lokwegolide, isiliva lokwesiliva, yebo, kuwo wonke umsebenzi wezandla zezingcweti. Ngubani, pho, othokozela namuhla ukuzahlukanisela uJehova na?”


Abantu bajabula ngokunikela kwabo ngenhliziyo, ngokuba banikela ngenhliziyo epheleleyo kuJehova; naye uDavide inkosi wajabula ngokujabula okukhulu.


Bakhulelwe ingozi, bazala ukona; isisu sabo silungisela inkohliso.”


Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova, ongalaziyo ngokupheleleyo.


Unemihelo ngobubi; ukhulelwe ngukona, uzala amanga.


UMose wathi: “Lokhu kuzakwenzeka, lapho uJehova eyakuninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nasekuseni isinkwa ukuze nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa izinkonono zenu enikhonona ngaye ngazo; thina siyini? Izinkonono zenu azingathi, zingoJehova.”


Abantwana bakwa-Israyeli bawuletha umnikelo wesihle kuJehova, bonke abesilisa nabesifazane, abanhliziyo yabo ibavusele ukulethela yonke imisebenzi ayale ngayo uJehova ukuba yenziwe ngesandla sikaMose.


Kungcono ukuba ungenzi isithembiso kunokuba uthembisa ungafezi.


Akakho omemeza ngokulunga, akakho owahlulela ngeqiniso; bethemba kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe yingozi, bazala ububi.


“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kuyakuthi ngalolo suku kuvele izinto enhliziyweni yakho, ucebe amacebo amabi.


Ngalokho wena nalo lonke iviyo lakho nimhlanganyele uJehova; no-Aroni uyini yena ukuba nikhonone ngaye na?”


“Onizwayo nina uyangizwa mina; onalayo nina uyangala mina; ongalayo mina uyamala ongithumileyo.”


Wayesethi uPetru: “Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle inxenye yemali yezwe, na?


Kepha uPetru wathi kuye: “Kungani ukuba nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bazakukukhiphela phandle.”


Kepha ukudla akusisondezi kuNkulunkulu; ngokuba noma singadli, asilahlekelwa lutho; noma sidla, asizuzi lutho.


Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu, yena oninika uMoya wakhe oNgcwele.


kepha ngaphandle kokubona kwakho ngangingathandi ukwenza lutho, ukuze umusa wakho ungabi ngokucindezelwa, kodwa ube ngesihle.


uma inkanuko isithathile, ibeletha isono; nesono sesiphelelisiwe, sizala ukufa.


UJehova wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labantu kukho konke abakushoyo kuwe, ngokuba akusuwe abakulahlileyo, kepha balahle mina, ukuze ngingabi yinkosi phezu kwabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka