Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 3:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kodwa uPetru wathi: “Isiliva negolide anginalo; kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, hamba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Kepha uPhethro wathi: “Isiliva negolide anginalo, kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu uKhristu waseNazaretha, sukuma uhambe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 UPetro wasesithi: Isiliva legolide kangilalo; kodwa lokho enginakho ngikunika khona: Egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, sukuma uhambe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UPetro wasesithi: Isiliva legolide kangilalo; kodwa lokho enginakho ngikunika khona: Egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, sukuma uhambe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 3:6
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ningaphathi golide, nasiliva, nathusi emixhakeni yenu,


Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na?’


Wenzile abengakwenza; wandulele ukuwugcobela umzimba wami ukumbelwa.


Lezi zibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo: ngegama lami bayakukhipha amademoni, bashumayele ngezilimi ezintsha,


Kepha uPilatu waloba isaziso, wasibeka esiphambanweni. Kwakulotshiwe ukuthi: UJESU WASENAZARETHA, INKOSI YABAJUDA.


lokuthi: UNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza umusa, ephulukisa bonke ababesemandleni kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.


Yakwenza lokho izinsuku eziningi. Kepha uPawulu esecasukile waphenduka, wathi kumoya: “Ngiyakuyala egameni likaJesu Kristu ukuba uphume kuyo.” Wayesephuma ngaso leso sikhathi.


“Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu,


“Ngakho indlu yonke yakwa-Israyeli mayazi impela ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu uJesu lo enambethela nina esiphambanweni.”


Ngokukholwa egameni layo lo enimbonayo nenimaziyo igama layo lamenza aqine, nokukholwa okungayo kumnike le mpilo phambi kwenu nonke.


Wayesebabheka ethemba ukuba amukele utho kubo.


Wayesembamba ngesandla sokunene, wamsukumisa; kwaqina masinyane izinyawo zakhe namaqakala,


makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu Kristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, amvusayo uNkulunkulu kwabafileyo, ngaye umi lo muntu phambi kwenu esindile.


babamisa phakathi kwabo, bababuza bathi: “Lokho nikwenze ngamaphi amandla nangaliphi igama na?”


Khona uPetru wathi kuye: “Eneya, uJesu Kristu uyakuphilisa; vuka, wendlule icansi lakho.” Wayesevuka masinyane.


Kuze kube yisona lesi sikhathi silambile, somile, sihamba ze, siyamuhluzwa, siyimihambima,


njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.


Ngokuba uma uthando lukhona, kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.


ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu ukuthi, nakuba ecebile, waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nicebe nina.


Yizwani, bazalwane bami abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?


nikhonzane, kube yilowo nalowo ngesipho asiphiweyo njengabaphathi abahle bomusa omninginingi kaNkulunkulu;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka