Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 23:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kwathi sekusile, abaJuda benza iqeqeba, bazilokothela bethi abayikudla, bangaphuzi, bengakambulali uPawulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Kwathi kungasa, abaJuda benza itulo, bazibophezela ukuthi abasoze badla futhi baphuze lutho bengakambulali uPawula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Kwathi sekusile, abaJuda benza icebo, bazibopha ngesiqalekiso, bathi abayikudla, bangaphuzi, bengakambulali uPawulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kwathi sekusile, abaJuda benza icebo, bazibopha ngesiqalekiso, bathi abayikudla, bangaphuzi, bengakambulali uPawulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 23:12
33 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bambona esekude; engakasondeli kubo, bamenzela ugobe lokumbulala.


U-Izebeli wayesethuma isithunywa ku-Eliya ngokuthi: “Mabenze njalo kimi onkulunkulu, benezele futhi, uma ngingakwenzi wena ube njengomunye wabo ngalesi sikhathi kusasa.”


Yathi: “UNkulunkulu makenze njalo, enezele futhi, uma ikhanda lika-Elisha, indodana kaShafati, liyakube lisekuye namuhla.”


babambelela kubafowabo, abakhulu babo, benza isithembiso nesifungo sokuba bahambe emthethweni kaNkulunkulu owanikwa ngesandla sikaMose inceku kaNkulunkulu, bagcine, benze yonke imiyalo kaJehova iNkosi yethu, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe


Leyo ndaba yaziwa nguMoridekayi, wayitshela u-Esteri inkosikazi; u-Esteri wayisho enkosini egameni likaMoridekayi.


Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi ngokwesabisayo nxazonke; besenza icebo ngami bahlosa ukubulala umphefumulo wami.


Kepha mina nganginjengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni; ngangingazi ukuthi bangicebela amacebo, bethi: “Masiwuchithe umuthi kanye nezithelo zawo, simnqume ezweni labaphilayo, igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Nina nawomkenu nikhulumile ngemilomo yenu, nakugcwalisa ngezandla zenu, nathi: ‘Siyakugcwalisa nokugcwalisa izithembiso zethu esizenzileyo zokushisela inkosikazi yezulu impepho nokuyithululela iminikelo yokuphuzwa.’ Qinisani nokuqinisa izithembiso zenu, nigcwalise nokugcwalisa izithembiso zenu.


“ ‘Akukho muntu owaqalekiswayo, owaqalekiswa kubantu, ongahlengwa; wobulawa nokubulawa.


Bacebisana ukuba bambambe uJesu ngobuqili, bambulale.


Khona waqala ukuthuka nokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.” Masinyane lase likhala iqhude.


Abantu bonke base bephendula bethi: “Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.”


Babengaphezu kwamashumi amane ababenze lelo cebo.


Bona base beza kubapristi abakhulu nasemalungeni, bathi: “Sizibophe ngesilokothelo sokuthi asiyikuzwa ukudla size simbulale uPawulu.


Ngakho-ke wena ungabavumeli, ngokuba kubona amqamekele amadoda angaphezu kwamashumi amane azilokotheleyo ukuba angadli, angaphuzi, engakambulali; manje-ke sebelungele bebheke isithembiso sakho.”


Sekudaluliwe kimi ukuthi kukhona icebo ngaleyo ndoda, ngase ngiyithumela kuwe masinyane, ngibayalile nabayimangalelayo ukuba bakhulume ngayo phambi kwakho.


bazicelela umusa ngaye wokuba ambizele eJerusalema, becebile ukumqamekela ukuba bambulale endleleni.


Sekudlule izinsuku eziningi, abaJuda benza icebo lokuba bambulale.


Kepha icebo labo laziwa nguSawulu. Babemhlalela nasemasangweni imini nobusuku ukuba bambulale.


Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi!


ngangisekuhambeni kaningi, nasezingozini zemifula, nasezingozini zabaphangi, nasezingozini kwabakithi, nasezingozini kwabezizwe, nasezingozini emzini, nasezingozini ehlane, nasezingozini elwandle, nasezingozini kubazalwane bamanga,


UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,”


besivimbela ukukhuluma nabezizwe ukuba basindiswe, ukuze bagcwalise njalo izono zabo; kepha ulaka selufinyelele phezu kwabo ngokupheleleyo.


UJoshuwa wabafungisa ngaleso sikhathi, wathi: “Makaqalekiswe phambi kukaJehova umuntu osuka akhe lo muzi waseJeriko; uyakubeka isisekelo sawo ngokulahlekelwa yizibulo lakhe, amise amasango awo ngokulahlekelwa ngomncinyane wakhe.”


Kepha abantwana bakwa-Israyeli beqa ngokuqalekisiweyo, lokhu u-Akani kaKarmi kaZabidi kaZera, owesizwe sakwaJuda, ethatha kukho okuqalekisiweyo; intukuthelo kaJehova yabavuthela abantwana bakwa-Israyeli.


Kuyakuthi othathwayo enokuqalekisiweyo ashiswe ngomlilo, yena nakho konke anakho, ngokuba eqile isivumelwano sikaJehova nangokuba esebenzile ubuwula kwa-Israyeli.’ ”


Abantu bakwa-Israyeli babecindezelwa ngalolo suku, kepha uSawule wafungisa abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu odla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akwabakho muntu owezwa ukudla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka