Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 23:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kwathi sekuvele isiyaluyalu esikhulu, induna yenkulungwane yesaba ukuba uPawulu angadwengulwa yibo, yayala impi ukuba yehle imhlwithe phakathi kwabo, imyise ekamu.*

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Kuthe sekusuke esinamathambo, induna yenkulungwane yesaba ukuthi uPawula bangahle bamenzakalise, yayisiyala amabutho ukuba ehle, amsuse phakathi kwabo, amyise enkanjini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Kwathi sekuqubuka ukuphikisana okukhulu, induna yenkulungwane yesaba ukuthi uPawuli ungahle adwetshulwe yibo, yalaya amabutho ukuthi ehle, amthathe phakathi kwabo, amngenise enqabeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kwathi sekuqubuka ukuphikisana okukhulu, induna yenkulungwane yesaba ukuthi uPawuli ungahle adwetshulwe yibo, yalaya amabutho ukuthi ehle, amthathe phakathi kwabo, amngenise enqabeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 23:10
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Qaphelani lokho nina enikhohlwa uNkulunkulu, funa nginidwengule, kungabikho osindisayo.


ngisindise kubo bonke abangizingelayo, ungikhulule, bangaze bawudwengule umphefumulo wami njengengonyama eklebhula, kungekho okhululayo.


enidla inyama yabantu bami, nihlinza kubo isikhumba sabo, naphula amathambo abo, yebo, nibaqoba njengokwasekhanzini nanjengenyama phakathi kwebhodwe.”


Esezakungeniswa ekamu* uPawulu wathi enduneni yenkulungwane: “Ngivunyelwe ukuba ngisho utho na?” Yona yathi: “Uyasazi isiGreki na?


induna yenkulungwane yayala ukuba angeniswe ekamu,* yathi akahlolwe ngenduku, ukuze iqonde ukuthi kungasiphi isici bememeza kanje ngaye.


Kepha indodana kadadewabo kaPawulu yezwa ngokumqamekela kwabo, yafika yangena ekamu,* yambikela uPawulu.


Le ndoda ibibanjwe ngabaJuda; ibisizakubulawa yibo, ngafika namabutho, ngayophula sengizwile ukuba ingumRoma.


Ngathi ngifuna ukwazi icala abayimangalela ngalo, ngayehlisela emphakathini wabo;


Kepha ngangomuso ashiya izinkweli ukuba zihambe naye; wona abuyela ekamu;*


Kepha kwafika uLisiya induna yenkulungwane, wamthatha ngendluzula enkulu ezandleni zethu,


ngangisekuhambeni kaningi, nasezingozini zemifula, nasezingozini zabaphangi, nasezingozini kwabakithi, nasezingozini kwabezizwe, nasezingozini emzini, nasezingozini ehlane, nasezingozini elwandle, nasezingozini kubazalwane bamanga,


Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela;


Kepha uma ninomhawu obabayo nombango ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaliqambeli iqiniso.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka