Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 22:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Mina ngiyindoda engumJuda, ngazalwa eTarsu laseKhilikhiya, kodwa ngakhulela kulo muzi, ngafundiswa ngasezinyaweni zikaGamaliyeli ngesineke ngomthetho wawobaba, ngashisekela uNkulunkulu njengokuba nonke ninjalo namuhla;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 “Mina ngiyindoda engumJuda ezalwa eTharsu eKhilikhiya, kodwa ngakhulela kuwo lo muzi, ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngafundiswa ngesineke ngomthetho wobaba, ngishisekela uNkulunkulu njengalokhu nani ninjalo namuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Mina-ke ngingumuntu ongumJuda, owazalelwa eTarsu, umuzi waseKhilikhiya, nokho ngakhulela kulo muzi ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngifundisiwe ngomthetho wawoyise opheleleyo, ngishisekela uNkulunkulu, njengoba ninjalo nonke namuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Mina-ke ngingumuntu ongumJuda, owazalelwa eTarsu, umuzi waseKhilikhiya, nokho ngakhulela kulo muzi ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngifundisiwe ngomthetho wawoyise opheleleyo, ngishisekela uNkulunkulu, njengoba ninjalo nonke namuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 22:3
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yayisibiza abaseGibeyoni, yakhuluma kubo, abaseGibeyoni babengesibo abantwana bakwa-Israyeli, beyinsali yama-Amori; abantwana bakwa-Israyeli babefungile kubo; uSawule wafuna ukubabulala ngokushisekela kwakhe abantwana bakwa-Israyeli nabakwaJuda;


U-Elisha wabuyela eGiligali; kwakukhona indlala kulelo zwe; amadodana abaprofethi ayehlezi phambi kwakhe; wathi encekwini yakhe: “Bheka ikhanzi elikhulu, uphekele amadodana abaprofethi ukudla.”


Wayenodadewabo othiwa nguMariya, owahlala ngasezinyaweni zeNkosi, walizwa izwi layo.


Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza.


Khona baphuma ukuyobona okwenzekileyo, bafika kuJesu, bamfumanisa umuntu okuphume kuye amademoni ehlezi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile; bashaywa luvalo.


UBarnaba wayeseya eTarsu ukuba afune uSawulu;


baloba ngesandla sabo ngokuthi: Abaphostoli namalunga, abazalwane, bayabingelela abazalwane abavela kwabezizwe abase-Antiyokiya, nabaseSiriya, nabaseKhilikhiya.


Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.


Sebekuzwile lokho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye: “Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangaka izigidi zabakholwayo phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho;


Kepha uPawulu wathi: “Mina ngingumJuda waseTarsu laseKhilikhiya, ngingumuntu womuzi ongesiwo ongenalo udumo; ngiyacela, ake ungivumele ngikhulume kubantu.”


Eseyifundile wambuza ukuthi ungowasiphi isifunda; esezwile ukuthi ungowaseKhilikhiya,


Kepha kwathi uPawulu azi ukuthi enye inxenye yabo ingabaSadusi nenye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini, wathi: “Madoda, bazalwane, ngingumFarisi mina, ngiyindodana yabaFarisi; ngimangalelwa ngethemba nangokuvuka kwabafileyo.”


bengazi kwasekuqaleni, uma bethanda ukufakaza ukuthi ngangihamba ngehlelo eliqinileyo lenkonzo yakithi ngingumFarisi.


“Kepha mina ngokwami ngangithi ngifanele ukwenza okuningi okuphambene negama likaJesu waseNazaretha;


Kwase kusukuma omunye emphakathini, umFarisi ogama lakhe linguGamaliyeli, isazimthetho esitusekayo esizweni sonke, wayala ukuba abantu bakhishwe isikhashana;


Kwase kusuka abanye besinagoge* elithiwa elabaLibertino, nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefanu;


Kepha uSawulu esafutha ngokusongela nokubulala abafundi beNkosi, waya kumpristi omkhulu,


INkosi yayisithi kuye: “Suka uye esitaladini esithiwa Siqondile, ufune endlini kaJuda umuntu ogama lakhe linguSawulu waseTarsu; ngokuba bheka, uyakhuleka;


Abazalwane sebekwazi lokho bamehlisela eKesariya, bamthumela eTarsu.


Ngalokho ngithi: UNkulunkulu usilahlile isizwe sakhe na? Qha nakanye, ngokuba nami ngingumIsrayeli, wenzalo ka-Abrahama, wesizwe sakwaBenjamini.


BangamaHeberu na? Nami. Bangaba-Israyeli na? Nami. Bayinzalo ka-Abrahama na? Nami.


futhi ebuJudeni ngabadlula abaningi abayintanga yami kwabakithi, ngishisekela kakhulu kunabo amasiko awokhokho.


Emva kwalokho ngeza emazweni aseSiriya naseKhilikhiya.


Yebo, uyazithanda izizwe, bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho; bahlala ngasezinyaweni zakho, bamukele okwamazwi akho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka