Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 1:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nigqolozele ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini wenyuselwa ezulwini, uyakubuya kanjalo, njengalokhu nimbonile eya ezulwini.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Athi futhi: Madoda aseGalile, nimeleni nigqolozele ezulwini na? UJesu lo, onyuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo njengalokho nimbonile eya ezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Athi futhi: Madoda aseGalile, nimeleni nigqolozele ezulwini na? UJesu lo, onyuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo njengalokho nimbonile eya ezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 1:11
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”


“Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, bese zikhala izizwe zonke zomhlaba, zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu.


“Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo;


Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza emafwini, inamandla amakhulu nenkazimulo.


Kepha waphinda waphika. Emva kwesikhashana futhi ababemi khona bathi kuPetru: “Nempela ungomunye wabo, ngokuba ungowaseGalile.”


Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


Khona bayakuyibona iNdodana yomuntu iza efwini, inamandla nenkazimulo enkulu.


Besesaba bekhothamela phansi ngobuso, athi kubo: “Nifunelani ophilayo kwabafileyo na?


Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe khona nani.


kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo, esebayalile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile;


kuqalela embhapathizweni kaJohane kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo kithi, kumelwe ukuba enye kuwo ibe ngufakazi kanye nathi ngokuvuka kwakhe.”


Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa bebuka; ifu lamsusa emehlweni abo.


Wabonwa izinsuku eziningi yibo ababekhuphukele naye eJerusalema bevela eGalile, asebengofakazi bakhe kubantu manje.


Bethuka, bamangala bathi: “Bheka, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na?


Khona uPetru ebona lokho wathatha wathi kubantu: “Madoda akwa-Israyeli, nimangalelani ngalona, nisigqolozelelani ngokungathi simenze ukuba ahambe ngawethu amandla nangokwethu ukukholwa na?


okumelwe ukuba izulu limamukele, kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, kusukela kwaphakade.


nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osihlangulisa olakeni oluzayo.


ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala,


kunjalo noKristu, esenikelwe kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kulabo abamlindeleyo, kube ngukusindiswa.


Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka