Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 3:51 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

51 Iso lami lenza umphefumulo wami ube buhlungu ngenxa yawo onke amadodakazi omuzi wakithi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

51 Lokho okubonwa ngamehlo ami, kuyayihlubula inhliziyo yami, ngenxa yalokho okwenziwe kwabesifazane bomuzi wakithi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

51 Iso lami lishaya inhliziyo yami ngenxa yawo wonke amadodakazi omuzi wakithi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 3:51
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba ngingakhuphukela kanjani kubaba, umfana engenami, funa ngibone okubi okuzakumehlela ubaba, na?”


ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Bheka, ngiyakubahambela; izinsizwa ziyakufa ngenkemba; amadodana abo namadodakazi abo ayakufa ngendlala,


Abantu abaprofetha kubo bayakuphonswa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba; abayikuba namuntu wokubembela, bona nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo; ngiyakuthela okubi kwabo phezu kwabo.


Uma ngiphumela endle, bheka, nampo ababuleweyo ngenkemba, nalapho ngingena emzini, bheka, nampo abaphethwe yindlala, ngokuba umprofethi nompristi bahamba izwe bengazi lutho.’ ”


Ngiyakubadlisa inyama yamadodana abo neyamadodakazi abo, badle, kube yilowo nalowo inyama yomngane wakhe, ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakubaxina ngakho izitha zabo nabafuna ukuphila kwabo.’


“UJehova ulungile, ngokuba ngihlubukile izwi lakhe. Ake nizwe, bantu bonke, nibone ubuhlungu bami. Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.


Amehlo ami ayaphela izinyembezi, izibilini zami ziyaxhaphazela; isibindi sami sithululelwe emhlabathini ngenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami, ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.


“Balele phansi ezitaladini, abasha nabadala. Izintombi zami nezinsizwa zami ziwile ngenkemba. Wababulala ngosuku lwentukuthelo yakho, wabulala ungahawukelanga.


aze abheke uJehova, abone esezulwini.


Abayizitha zami ngeze bangizingele nokungizingela njengenyoni.


Balala nabesifazane eSiyoni, izintombi zasemizini yakwaJuda.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka