Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 2:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Yansala umnsalo wayo njengesitha, yema njengomelene nathi ngesokunene sayo, yabulala konke okwakumnandi emehlweni ethu. Etendeni lendodakazi yaseSiyoni yathulula ukufutheka kwayo njengomlilo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Yansala umnsalo wayo njengesitha, isandla sayo sokunene samelana nathi, yabulala konke okwakuthandeka emehlweni ethu; ethendeni lendodakazi iZiyoni, intukuthelo yayo yayikhafulisa okomlilo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wansala umnsalo wakhe njengesitha; Wema ngesandla sakhe sokunene njengesitha, wabulala konke okubonakala emehlweni etendeni lendodakazi yaseSiyoni; Wathulula ulaka lwakhe njengomlilo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 2:4
38 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Hambani ningibuzele kuJehova, mina nabaseleyo kwa-Israyeli nakwaJuda ngamazwi encwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova ethululelwe phezu kwethu, ngokuba obaba abaligcinanga izwi likaJehova ukwenza njengakho konke okulotshiweyo kule ncwadi.”


ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo; intukuthelo yami isithululelwe kule ndawo, ayiyikucinywa.’


Ungivuthisele intukuthelo yakhe, wangishaya njengezitha kuye.


Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi; isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami; izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.


Ababi bahosha inkemba, bansale umnsalo wabo ukuba bamwise phansi ohluphekileyo nompofu, babulale abandlela ilungile.


izikhali zokubulala azibhekisele kuye; imicibisholo uyenza ishise.


Wayesethela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe, namandla empi; kwamvuthela nxazonke, kepha akakwazanga; kwamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni yakhe.


Kepha bahlubuka, badabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.


Ngase nginyathela abantu ngentukuthelo yami, ngabachoboza ngokufutheka kwami, ngathululela phansi igazi labo.”


Itende lami lichithakele, zonke izintambo zami zigqabukile; abantwana bami basukile kimi, kabasekho; kasekho owokwelula itende lami nowokumisa izilenge zami.


O, ndlu kaDavide, usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Yenzani izahlulelo ekuseni, nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli, funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo, kushise, kuze kungabikho owucimayo ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Mina ngiyakulwa nani ngesandla eseluliweyo, nangengalo enamandla, nangentukuthelo, nangokufutheka, nangolaka olukhulu.


Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe, azisakufuni, ngokuba ngikushayile ngokushaywa kwezitha, ngokulaywa kononya, ngenxa yobuningi bokona kwakho, nangokuba izono zakho zandile.


Mhlawumbe ukunxusa kwabo kuyakufika phambi kukaJehova, babuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngokuba inkulu intukuthelo nokufutheka akukhulumileyo uJehova ngalaba bantu.”


Zisokeleni kuJehova, nisuse amajwabu ezinhliziyo zenu nina bantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema, funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo, kuvuthe, kungabikho ongakucima, ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalokhu intukuthelo yami nokufutheka kwami kuthululelwe phezu kwabakhileyo eJerusalema, kanjalo ukufutheka kwami kuyakuthululelwa phezu kwenu, nxa ningena eGibithe, nibe yisithuko, nesimangaliso nesiqalekiso, nehlazo, ningabe nisayibona le ndawo.’


“ ‘Ngalokho isho njalo iNkosi uNkulunkulu, ithi: Bheka, intukuthelo yami nokufutheka kwami kuyakuthululwa kule ndawo phezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwemithi yasendle, naphezu kwezithelo zomhlaba, kuvuthe kungacimi.


“Ephezulu ungithumele umlilo emathanjeni ami, wawahlula; wenekele izinyawo zami inetha, wangibuyisela emuva. Ungenze incithakalo, ngiphele amandla usuku lonke.


INkosi isinjengesitha, imgwinyile u-Israyeli; yagwinya zonke izindlu zakhe zobukhosi, yachitha izinqaba zakhe; yandisile endodakazini yakwaJuda ukukhala nokulila.


Impela uyangiphendulela isandla sakhe ephinda njalo zonke izinsuku.


Yeka ukufiphala kwegolide nokuguquka kwegolide elihle! Amatshe endlu engcwele ahlakazekile ezingosini zazo zonke izitaladi.


UJehova ufezile ukufutheka kwakhe, uthululile ukufutheka kwentukuthelo yakhe; uphembile umlilo eSiyoni oqedile izisekelo zalo.


“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakuludabula ngomoya wesivunguvungu ngokufutheka kwami, kube yimvula ekhukhulayo ngentukuthelo yami, namatshe esichotho ngokufutheka ukuba aluqede.


Ngiyakunikhipha phakathi kwabantu, nginibuthe emazweni lapho nihlakazekele khona ngesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokufutheka okuthululiweyo,


Njengokuncibilikiswa kwesiliva phakathi kwesithando, kanjalo niyakuncibilikiswa phakathi kwaso, nazi ukuthi mina Jehova ngithululile ukufutheka kwami phezu kwenu.’ ”


“Wena ndodana yomuntu, angithi kuyakwenzeka mhla ngisusa inqaba yabo, intokozo nobuhle babo, okunxanelekayo emehlweni abo, nababeke umphefumulo wabo kukho, amadodana abo namadodakazi abo,


Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo ngenxa yegazi ababelichithe ezweni, nangokuba babelingcolisile ngezithombe zabo.


“Isiyakuphela intukuthelo yami, nganelise ukufutheka kwami ngabo, ngiduduzeke; bayakwazi ukuthi mina Jehova ngikhulumile ngomhawu wami, lapho sengifezile ukufutheka kwami ngabo.


Okude uyakufa ngesifo, oseduze uyakuwa ngenkemba, oseleyo evinjezelwe uyakufa ngendlala, ngifeze kanjalo ukufutheka kwami kubo.


Babethile icilongo, balungisile konke, kepha akakho ophuma impi, ngokuba ukufutheka kwami kuphezu kwaso sonke isixuku sabo.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abanizondayo bayakubusa phezu kwenu, nibaleke ningaxoshwa muntu.


UJehova unguNkulunkulu oshisekelayo nophindiselayo; uJehova uyaphindisela, ugcwele ukufutheka; uJehova uphindisela kwabamelene naye, ugcinela izitha zakhe intukuthelo.


Ngubani ongema ebusweni bentukuthelo yakhe na? Ngubani ongema ekufuthekeni kolaka lwakhe na? Ukufutheka kwakhe kuthululiwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami; uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uqede umhlaba nezithelo zawo, wokhele izisekelo zezintaba.


USamuweli wathi: “Pho, ubuzelani kimi, lokhu uJehova esesukile kuwe, waba yisitha sakho, na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka