Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 9:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kwathiwa kuso masingoni utshani bomhlaba, nanye into eluhlaza, nowodwa umuthi, kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Satshelwa ukuba singalokothi sone utshani bomhlaba, noma yini eluhlaza, noma nje isihlahla esisodwa, kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Kwasekulaywa ukuthi zingoni utshani bomhlaba, loba yini eluhlaza, loba yisiphi isihlahla; kodwa yilabo kuphela abantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kwasekulaywa ukuthi zingoni utshani bomhlaba, loba yini eluhlaza, loba yisiphi isihlahla; kodwa yilabo kuphela abantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 9:4
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wena awumbiyelanga yini yena nendlu yakhe nakho konke okwakhe nxazonke, wabusisa umsebenzi wezandla zakhe na? Impahla yakhe yandile emhlabeni.


Wathi uJehova kuSathane: “Bheka, konke anakho kusesandleni sakho; kuphela kuyena uqobo ungabeki isandla sakho.” Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova.


UJehova wayesethi kuSathane: “Bheka, usesandleni sakho; gcina ukuphila kwakhe kodwa.”


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.


Ngokuba uJehova uyakudabula ukuyoshaya abaseGibithe; nanxa ebona igazi elisekhothameni nasezinsikeni zombili, uJehova uyakudlula kulowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba angene ezindlini zenu ukuyobulala.


UJehova wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi kweJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa phakathi kwalo.”


nibulale nichithe amaxhegu, nezinsizwa, nezintombi, nezingane, nabesifazane, ningasondeli kodwa kumuntu okukuye uphawu, niqale endlini yami engcwele.” Ayeseqala ngamadoda amadala ayephambi kwendlu.


Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka.


Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.


Ngase ngibona; bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama lalo negama likaYise lilotshwe emabunzini abo.


Ngase ngizwa kungathi izwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: “Imbenge kakolweni ngodenariyu* nezimbenge ezintathu zebhali* ngodenariyu, kepha amafutha newayini ungakoni.”


Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibamba imimoya emine yomhlaba, ukuze kungavunguzi moya emhlabeni, naselwandle, nakowodwa umuthi.


Eyokuqala yayisibetha; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshaniswe negazi, kwaphonswa emhlabeni; okwesithathu komhlaba kwasha kwaqothuka, nokwesithathu kwemithi kwasha kwaqothuka, nabo bonke utshani obuluhlaza basha baqothuka.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka