Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 7:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibamba imimoya emine yomhlaba, ukuze kungavunguzi moya emhlabeni, naselwandle, nakowodwa umuthi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Emveni kwalokho, ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibambe imimoya emine yomhlaba, ukuze kungavunguzi moya emhlabeni, olwandle, nakwesisodwa sezihlahla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibambe imimoya yomine yomhlaba, ukuze kungavuthuzi moya emhlabeni, naphezu kolwandle, naphezu kwanoma yisiphi isihlahla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibambe imimoya yomine yomhlaba, ukuze kungavuthuzi moya emhlabeni, naphezu kolwandle, naphezu kwanoma yisiphi isihlahla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 7:1
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Iyakuphakamisela abezizwe ibhandela,* ibuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, iqoqe abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini omane omhlaba.


Mina Jehova ngingumlindi waso, ngiyakusinisela njalo; funa soniwe, ngiyakusilinda ubusuku nemini.


Ngokubamukisa nangokubaxosha uyabajezisa; wabasusa ngomoya wakhe olukhuni ngosuku lomoya wasempumalanga.


Ngiyakwehlisela phezu kwe-Elamu imimoya emine emikhawulweni yomine yezulu, ngibahlakazele kuyo yonke leyo mimoya, kungabe kusabakho sizwe lapho abaxoshiweyo base-Elamu bengayikufika khona.


Wayesethi kimi: “Profetha kuwo umoya, profetha, ndodana yomuntu, uthi kuwo umoya: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Woza, moya, uvele emimoyeni yomine, uphefumulele laba ababuleweyo ukuba baphile.’ ”


“Wena ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova kulo izwe lakwa-Israyeli, ithi: Ukuphela! Ukuphela kufikile emagumbini omane ezwe.


Iyakwanele ukuvela nje, umbuso wayo uyakufohlozwa, wahlukaniselwe emimoyeni yomine yezulu, ungabi ngowenzalo yayo, ungabi njengasekubuseni kwayo eyabusa ngakho, ngokuba umbuso wayo uyakusishulwa, ube ngowabanye ngaphandle kwalaba.


UDaniyeli wathatha wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku; bheka, imimoya yomine yezulu yavumbuluka elwandle olukhulu.


Impongo yayisizikhulisa kakhulu; kwathi lapho isinamandla, uphondo olukhulu lwaphuka; esikhundleni salo kwamila ezine ziqhamela ngasemimoyeni yomine yezulu.


Kodwa uJehova waphonsa umoya omkhulu elwandle, kwaba yisiphepho esikhulu elwandle; kwacatshangwa ukuthi umkhumbi uyakwaphulwa.


Ngabuye ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwaphuma izinqola ezine phakathi kwezintaba ezimbili; izintaba zaziyizintaba zethusi.


Ingelosi yaphendula, yathi kimi: “Lana ayimimoya yomine yezulu ephuma ekumeni phambi kweNkosi yomhlaba wonke.


Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.


Lapho iyakuthuma izingelosi, iqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu.


aphumele ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, oGogi noMagogi, azibuthele ekulweni ezimumo wazo ungangesihlabathi solwandle.


Ngase ngizwa kungathi izwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: “Imbenge kakolweni ngodenariyu* nezimbenge ezintathu zebhali* ngodenariyu, kepha amafutha newayini ungakoni.”


yathi: “Ningoni umhlaba, nolwandle, nemithi, size sizibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo.”


Eyokuqala yayisibetha; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshaniswe negazi, kwaphonswa emhlabeni; okwesithathu komhlaba kwasha kwaqothuka, nokwesithathu kwemithi kwasha kwaqothuka, nabo bonke utshani obuluhlaza basha baqothuka.


lithi kuyo ingelosi yesithupha enecilongo: “Thukulula izingelosi ezine eziboshwe ngasemfuleni omkhulu u-Ewufrathe.”


Kwathiwa kuso masingoni utshani bomhlaba, nanye into eluhlaza, nowodwa umuthi, kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka