Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 22:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Yayisithi kimi: “Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaprofethi nabagcina amazwi ale ncwadi; khuleka kuNkulunkulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Kepha yathi kimi: “Ungakwenzi lokho, nami ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho, abaphrofethi nalabo abagcina amazwi ale ncwadi. Khuleka kuNkulunkulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi, ngokuba ngiyinceku kanye nawe, nabazalwane bakho abaprofethi, nabagcina amazwi ale ncwadi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi, ngokuba ngiyinceku kanye nawe, nabazalwane bakho abaprofethi, nabagcina amazwi ale ncwadi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 22:9
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

kepha uJehova owanikhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangengalo eyeluliweyo yena niyakumesaba, kuyena niyakukhothamela, nimhlabele yena;


yikhona inkosi izakubuthanda ubuhle bakho, ngokuba yona iyinkosi yakho, woyikhothamela.


ngokuba awuyikukhonza omunye unkulunkulu, lokhu uJehova, igama lakhe linguMhawu, unguNkulunkulu onomhawu,


wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.”


Ngakho-ke wena, uma ukhuleka phambi kwami, konke kuzakuba ngokwakho.”


funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu, uyengwe, uze ukhuleke kukho, ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho.


Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.


Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe izinto ezimelwe ukwenzeka masinyane, ethuma ngengelosi yakhe, esibonakalisa encekwini yakhe uJohane


lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumele kuwo amabandla ayisikhombisa, e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamu, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.”


isho ngezwi elikhulu, ithi: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile; nikhuleke kuye owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.”


ngubani ongayikwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? Ngokuba wena wedwa ungcwele, nezizwe zonke ziyakuza zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga zibonakalisiwe.”


Ngase ngiwa phansi phambi kwezinyawo ukukhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu. Ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuprofetha.”


Yathi kimi: “Ungavali ngophawu amazwi esiprofetho sale ncwadi, ngokuba isikhathi siseduze.


Ngiyafakaza mina kubo bonke abezwayo amazwi esiprofetho sale ncwadi; uma ekhona owenezela kulokhu, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupho ezilotshiwe kule ncwadi;


“Bheka, ngiyeza masinyane. Ubusisiwe ogcina amazwi esiprofetho sale ncwadi.”


amalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kwakhe ohlezi esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade naphakade, aphonsa imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi:


Kepha abaseleyo babantu abangabulawanga ngalezo zinhlupho abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo ukuba bangakhuleki kuwo amademoni, nezithombe zegolide, nezesiliva, nezethusi, nezamatshe, nezemithi, ezingenakho ukubona, nakuzwa, nakuhamba,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka