Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 20:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 yamphonsa-ke kwalasha, yamvalela phakathi, yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esadukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane; emva kwalokho kumelwe ukuba athukululwe isikhashana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 yamphonsa kwalasha, yamvalela phakathi, yavala ngci ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esazidukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane. Emva kwalokho kumele ukuba akhululwe okwesikhashana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Yayiphosela kwalasha, yamvalela, yafaka uphawu phezu kwayo, ukuze ingabe esazidukisa izizwe, ize igcwaliseke iminyaka eyinkulungwane, emva kwalokho imelwe ukukhululwa isikhashana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Yayiphosela kwalasha, yamvalela, yafaka uphawu phezu kwayo, ukuze ingabe esazidukisa izizwe, ize igcwaliseke iminyaka eyinkulungwane, emva kwalokho imelwe ukukhululwa isikhashana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 20:3
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengezolo selidlulile, nanjengomlindo ebusuku.


Kwase kulethwa itshe, labekwa emlonyeni womphandu, inkosi yalinamathelisa ngendandatho yayo nangendandatho yizikhulu zayo, ukuze kungaguqulwa lutho maqondana noDaniyeli.


Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka.


Base behamba, baligcina iliba, babeka uphawu etsheni bekanye nabalindi.


Abangasendleleni yilabo abathi lapho kuhlwanyelwa khona izwi, nanxa sebelizwile, kufike masinyane uSathane, alisuse izwi elihlwanyelwe kubo.


Amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha.


Kepha nginovalo lokuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa, ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu.


Kodwa, bathandekayo, maningakhohlwa lento inye yokuthi kuyo iNkosi usuku lunye lunjengeminyaka eyinkulungwane nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye.


Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye.


Futhi sibadukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esazinikwayo ukuba sizenze phambi kwesilo, sithi kwabakhileyo emhlabeni mabasenzele umfanekiso isilo, ebesinenxeba lenkemba kepha sasinda.


afeba naso amakhosi omhlaba, nabakhileyo emhlabeni badakiswa yiwayini lobufebe baso.”


Isilo owasibonayo sasikhona, asisekho; kepha sesizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni; nabakhileyo emhlabeni bayakumangala, labo abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila, selokhu kwasekelwa izwe, nxa bebona isilo ukuthi sasikhona, kepha asisekho, kanti sizakuba khona.


Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngesandla sayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka