Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 19:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo. Uyakuzibusa ngentonga yensimbi, Yena anyathele isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uSomandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Emlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye ngayo izizwe, azibusa ngentonga yensimbi, unyathela isikhamo sewayini solaka nolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Emlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye ngayo izizwe, azibusa ngentonga yensimbi, unyathela isikhamo sewayini solaka nolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 19:15
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uzakubaphula ngentonga yensimbi, ubaphahlaze njengesitsha sombumbi.”


Kepha uyakwahlulela abampofu ngokulunga, anqume ngokufaneleyo abathobileyo bomhlaba, awushaye umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, abulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.


Indawo yokushisela kade yahlelwa, yebo, yalungiselwa nenkosi; uyenze yajula, yaba banzi; igoqo layo lingumlilo nezinkuni eziningi, nokuphefumula kukaJehova kunjengomfula wesibabule; kuyayokhela.


Fakani isikela, ngokuba okuzakuvunwa sekuvuthiwe; ngokuba isikhamo sewayini sigcwele, nezikhongozelo ziyachichima, ngokuba ububi babo bukhulu.”


Uyakuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nezinhliziyo zabantwana koyise, funa ngifike, ngishaye izwe ngesiqalekiso.”


Lapho-ke uzakwambulwa lowo ongenamthetho, eyakumqeda iNkosi uJesu Kristu ngomoya womlomo wayo, imchithe ngokubonakala kokufika kwayo,


futhi wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, nasemlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, nobuso bakhe bunjengelanga likhanya ngamandla alo.


Wabeletha umntwana wesilisa ozakubusa izizwe zonke ngentonga yensimbi, nomntanakhe wahlwithelwa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi.


naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe esitsheni solaka lwakhe, lingaxutshiwe, ahlushwe ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.


Nabaseleyo babulawa ngenkemba ephuma emlonyeni wakhe owayehlezi ehhashini, nezinyoni zonke zasutha inyama yabo.


“Nakuyo ingelosi yebandla lasePhergamu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo onenkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, uthi:


Ngakho-ke phenduka; uma kungenjalo, ngiyeza kuwe masinyane, ngiyakulwa nabo ngenkemba yomlomo wami.


uyakuzibusa ngentonga yensimbi, ziphahlazwe njengezitsha ezibunjiweyo, njengalokhu nami ngamukelisiwe nguBaba;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka