Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 18:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Bantu bami, phumani kulo, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zalo, futhi ningehlelwa yizinhlupheko zalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Phumani kuyo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zayo, nokuze ningamukeli okwezinhlupho zayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Phumani kuyo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zayo, nokuze ningamukeli okwezinhlupho zayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 18:4
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesephuma uLoti, wakhuluma nabakhwenyana bakhe ababeyakuthatha amadodakazi akhe, wathi: “Sukani niphume kule ndawo, ngokuba uJehova uyakuchitha umuzi.” Kepha wayenjengontelayo emehlweni abakhwenyana bakhe.


Uma ubona isela, uvumelana nalo; neziphingi uhlanganyela nazo.


Phumani eBabele, nibalekele amaKaledi, nimemezele lokhu ngezwi lokujabula, nikuzwakalise lokhu, nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, ngokuthi: “UJehova uhlengile inceku yakhe uJakobe.”


Mukani, mukani, niphume lapha, ningathinti okungcolileyo, niphume phakathi kwalo, nizihlambulule nina eniphatha izitsha zikaJehova.


“Balekani eBabele, niphume ezweni lamaKaledi, nibe njengezimpongo phambi kwezimvu.


“Phumani phakathi kwalo, bantu bami, nizikhulule, kube yilowo nalowo ekufuthekeni kwentukuthelo kaJehova.


Nina eniphunyukile enkembeni hambani, ningemi; khumbulani uJehova nisekude, iJerusalema lingene ezinhliziyweni zenu.


“Balekani eBabele, yilowo nalowo akhulule ukuphila kwakhe, ninganqunywa ngokona kwalo, ngokuba kuyisikhathi sempindiselo kaJehova, uyakuliphindisela.


“Besiyakuliphilisa iBabele, kepha aliphiliswanga; lishiyeni, masihambe siye, kube yilowo nalowo ezweni lakubo, ngokuba ukwahlulelwa kwalo kufinyelela ezulwini, kuphakanyisiwe nasemafwini.


Nithi: ‘Uma sasikhona emihleni yawobaba, sasingayikuhlanganyela nabo egazini labaprofethi.’


“Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,


Ungasheshi ubeke izandla noma kubani, futhi ungahlanganyeli izono zabanye, uzigcine ube mhlophe.


ngokuba ombingelelayo uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka