Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 18:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngokuba ngehora linye nje ingcebo engaka ichithekile.’ “Nabashayeli bonke bemikhumbi, nabo bonke abaya nomaphi ngomkhumbi, namatilosi,* nabo bonke abasebenza elwandle bemela kude,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

17 Ngokuba ngehora linye vo, ingcebo engaka isishabalalisiwe.’ “Bonke abashayeli bemikhumbi, bonke abaya noma kuphi ngomkhumbi, amatilosi, nabo bonke abasebenza olwandle bamela kude,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Ngokuba ngehora linye ingcebo engaka isichithiwe. Bonke abaqhubi bemikhumbi, nesixuku sonke semikhumbi, namatilosi, nabo bonke abahweba olwandle bema kude;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngokuba ngehora linye ingcebo engaka isichithiwe. Bonke abaqhubi bemikhumbi, nesixuku sonke semikhumbi, namatilosi, nabo bonke abahweba olwandle bema kude;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 18:17
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Klewulani nina mikhumbi yaseTharishishi, ngokuba inqaba yenu ichithekile.


Kodwa lokhu kokubili kuyakufika kuwe ngokuphazima kweso ngalusuku lunye, ukufelwa, kwabantwana nobufelokazi kufike phezu kwakho ngokugcweleyo phakathi kobuningi bamalumbo akho, nobuningi beziphonso zakho.


IBabele seliwile ngokuzumayo, lachithwa; hhewulani ngalo, nithathele ubuhlungu balo ibhalisamu;* mhlawumbe lingaphiliswa.


Ukona kwendodakazi yabantu bami kukhulu kunesono saseSodoma elachithwa ngokuphazima kweso, kungasondelanga zandla kulo.


Kwase kusondela kuye induna yomkhumbi, yathi: “Unani wena olele ubuthongo na? Vuka, ubize uNkulunkulu wakho; mhlawumbe lo Nkulunkulu uyakusikhumbula ukuba singabhubhi.”


Kepha induna yekhulu yethemba umshayeli womkhumbi nomniniwo kakhulu kunalokho okwakhulunywa nguPawulu.


“Izimpondo eziyishumi owazibonayo zingamakhosi ayishumi angakamukeli umbuso, kepha amukeliswa amandla njengamakhosi ihora linye kanye nesilo.


Izimpondo eziyishumi owazibonayo, nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe, zisenze incithakalo, sibe yize, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo, zisiqede;


Base bethela uthuli emakhanda abo, badazuluka bekhala, belila bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abacebile kuwe bonke abanemikhumbi elwandle ngenxa yengcebo enqabileyo yakho, ngokuba ngehora linye nje uchithekile!


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka