Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 13:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 ukuba angabikho ongathenga nokuba athengise, uma engenalo uphawu, igama lesilo noma isibalo segama laso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

17 nokuba kungabi bikho oyothenga noma athengise ngalo, ngaphandle kwalowo onophawu, igama lesilo noma inombolo yegama laso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Nokuba kungabikho muntu othenga noma athengise, kuphela onophawu, igama lesilo, noma isibalo segama laso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Nokuba kungabikho muntu othenga noma athengise, kuphela onophawu, igama lesilo, noma isibalo segama laso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 13:17
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Mangingabe ngisakhathazwa muntu, ngokuba ngiphethe emzimbeni wami izimpawu zikaJesu.


Senza futhi ukuba bonke, abancane nabakhulu, nabacebileyo nabampofu, nabakhululekileyo nabayizigqila, bazibeke uphawu esandleni sabo sokunene noma ebunzini labo


Nakhu ukuhlakanipha. Onengqondo makabale isibalo sesilo, ngokuba siyisibalo somuntu. Nesibalo sakhe singamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha.


Nomusi wokuhlushwa kwabo uyenyuka kuze kube phakade naphakade; abasenakuphumula imini nobusuku abakhuleka kuso isilo nomfanekiso waso nalowo owamukela uphawu lwegama laso.”


Yalandela enye ingelosi yesithathu, ithi ngezwi elikhulu: “Uma kukhona okhuleka kuso isilo nomfanekiso waso, elwamukela futhi uphawu ebunzini lakhe noma esandleni sakhe,


Ngabona kungathi ulwandle lwengilazi luxubene nomlilo, nabavela ekunqobeni isilo nomfanekiso waso nesibalo segama laso bemi ngaselwandle lwengilazi, benamahabhu* kaNkulunkulu.


nasebusweni bakhe kulotshiwe igama eliyimfihlakalo lokuthi: IBABILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA


Ngase ngibona izihlalo zobukhosi; bahlala kuzo, banikwa ukwahlulela; ngabona nemiphefumulo yababenqunywe amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso, nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.


zibone ubuso bakhe, negama lakhe liyakuba semabunzini azo.


Onqobayo ngiyakumenza abe yinsika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona; ngiyakuloba negama likaNkulunkulu wami phezu akhe, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.


yathi: “Ningoni umhlaba, nolwandle, nemithi, size sizibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka