Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 12:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Owesifazane wayesenikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu ukuba andizele ehlane endaweni yakhe lapho ondliwa khona isikhathi, nezikhathi, nenxenye yesikhathi, engekho ebusweni benyoka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

14 Owesifazane wayesenikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu ukuba andizele ehlane endaweni yakhe, lapho enakekelwa khona isikhathi nezikhathi, nengxenye yesikhathi, engekho ebusweni benyoka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Owesifazane wanikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu, ukuze andizele ehlane, endaweni yakhe, lapho ondliwa khona isikhathi, nezikhathi, nenxenye yesikhathi, kude nobuso benyoka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Owesifazane wanikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu, ukuze andizele ehlane, endaweni yakhe, lapho ondliwa khona isikhathi, nezikhathi, nenxenye yesikhathi, kude nobuso benyoka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 12:14
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Besengithi: “Sengathi ngingaba namaphiko njengejuba; ngabe ngindizela ekudeni, ngihlale khona.”


‘Nibonile lokhu engikwenzile kwabaseGibithe nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi, nganisondeza kimi.


kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.


Ngezwa umuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sakhe sokhohlo ezulwini, wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi, nezikhathi, nenxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.


Iyakukhuluma amazwi ngoPhezukonke, ikhathaze abangcwele boPhezukonke; iyakuhlosa ukuguqula izikhathi nomthetho; bayakukhashelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi nezikhathi nenxenye yesikhathi.


Wathi kimi: “Koze kube yizikhathi zokuhlwa nezokusa eziyizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu; bese yihlanjululwa indlu engcwele.”


Owesifazane wayesebalekela ehlane, lapho enendawo ayilungiselwe nguNkulunkulu, ukuba bamondle izinsuku eziyinkulumgwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha.


Yayisingiyisa ehlane ngikuMoya. Ngabona owesifazane ekhwele isilo esibomvu, sigcwele amagama enhlamba, sinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka