Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 11:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Abanye kubantu nabemindeni nabezilimi nabezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nenxenye, bengavumi ukuba izidumbu zabo zifakwe ethuneni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Abanye kubantu, imindeni, izilimi, nabezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nengxenye, bengavumi ukuba izidumbu zabo zingcwatshwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Abantu nemindeni nezilimi nezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nenxenye, bangavumeli izidumbu zabo zibekwe emathuneni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Abantu nemindeni nezilimi nezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nenxenye, bangavumeli izidumbu zabo zibekwe emathuneni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 11:9
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

kepha ubuyile, wadla, waphuza amanzi endaweni athi ngayo kuwe ungadli sinkwa, ungaphuzi manzi, isidumbu sakho asiyikungeniswa ethuneni lawoyihlo.’ ”


Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, ehamba iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa umphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,


Wo kuwena ochithayo, kungachithwanga wena, nakuwe okhohlisayo, kungakhohliswanga wena! Lapho uqede ukuchitha uyakuchithwa, nalapho usugcine ukukhohlisa, uyakukhohliswa nawe.


Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; akakho oyakuzesabisa.


Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho, nangaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.


Zase zithi kimi: “Kumelwe ukuba uphinde uprofethe ngabantu abaningi, nezizwe, nezilimi, namakhosi.”


Kwathi emva kwalezo zinsuku ezintathu nenxenye umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo; base bema ngezinyawo zabo, nabababonayo behlelwa ngukwesaba okukhulu.


Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe; sanikwa futhi amandla phezu kwemindeni yonke, nabantu, nezilimi, nezizwe.


Yayisithi kimi: “Amanzi owabonayo, lapho sihlezi khona isifebe, angabantu, nezixuku, nezizwe, nezilimi.


Kuthe seliyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu, kuyilelo nalelo linehabhu* nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.


Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka