Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 11:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Labo bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kweNkosi yomhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Labo bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kweNkosi yomhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Laba bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kukaNkulunkulu womhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Laba bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kukaNkulunkulu womhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 11:4
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Eliya waseThishibi, owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, engimi phambi kwakhe, akuyikubakho mazolo namvula kule minyaka, kuphela ngesiyalezo sezwi lami.”


Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaza endlini kaNkulunkulu; ngithemba umusa kaNkulunkulu njalonjalo kuze kube phakade naphakade.


“ ‘Ngalolo suku ngiyakwahlukanisa izwe laseGosheni abakhe kulo abantu bami ukuba kungabikho izibawu khona, ukuze wazi ukuthi nginguJehova phakathi kwezwe.


Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguJehova Sebawoti igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli unguMhlengi wakho, uyakubizwa ngokuthi uNkulunkulu womhlaba wonke.


UJehova wabiza igama lakho ngokuthi umnqumo oluhlaza obukekayo, onezithelo ezinhle; ngomsindo wesidumo esikhulu uyakuphemba umlilo kuwo, kwaphuke amagatsha awo.


“Suka ubhule, ndodakazi yaseSiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi, nezinselo zakho ngizenze insimbi; uyakuchoboza abantu abaningi,” kwahlukaniselwe uJehova inzuzo yabo, nemfuyo yabo kuyo iNkosi yomhlaba wonke.


“Akakho othi esokhela isibani, asibeke esitha nangaphansi kwesitsha, kepha usifaka othini ukuba abangenayo babone ukukhanya.


Ngakho lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka nawokuma phambi kweNdodana yomuntu.”


Kepha uma kwaphulwa amanye amagatsha, wena-ke ongumnqumo wasendle wafakelwa phakathi kwawo, wahlanganyela nawo impande yamafutha yomnqumo,


Ngaleso sikhathi uJehova wahlukanisa isizwe sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaJehova, sime phambi kukaJehova ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.


Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide yile: izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa, nezinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka