Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 7:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bayiziphingi bonke; banjengeziko elishiswa ngumphekisinkwa oyeka ukukhwezela kusukela ekuxovweni kwenhlama kuze kube sekubileni kwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Bonke bayiziphingi, banjengeziko elibaswe ngumbhaki, oyekela ukukhwezela kusukela ekuxoveni inhlama ize ikhukhumale.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bonke bayiziphingi, njengeziko elibaselwe ngumbhaki, elingavuki ngemva kokuxova inhlama, ize ibile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 7:4
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba izwe ligcwele iziphingi; izwe liyadabuka ngenxa yesiqalekiso; amadlelo asehlane omile. Ukuhamba kwabo kubi, namandla abo awalungile.


Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi, namehlo ami umthombo wezinyembezi ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bami imini nobusuku.


Sengathi nga nginendawo yokulala kwezihambi ehlane ukuba ngishiye abantu bami, ngisuke kubo, ngokuba bangabaphingi bonke, umhlangano wabakhohlisi.


“Bayakudla, bangasuthi kodwa; bayakufeba, bangandi kodwa, ngokuba bayekile ukumnakekela uJehova.


Abantu bami babuza emthini, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngokufeba.


“Kukhona ukufunga nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga; bayafohla, izingazi zilandele izingazi.


Akukuhle ukuzibonga kwenu. Anazi yini ukuthi imvubelo encane ibilisa inhlama yonke na?


Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka