Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 6:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Ngiyakwenzani kuwe Efrayimi, ngiyakwenzani kuwe Juda, na? Uthando lwenu lunjengefu lokusa nanjengamazolo amuka ekuseni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 “Ngiyakwenzani ngawe Efrayimi na? Ngiyakwenzani ngawe Juda na? Uthando lwenu lunjengomlalamvubu ekuseni, nanjengamazolo asekuseni eshabalala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 O Efrayimi, ngiyakwenzani kuwe na? Juda, ngenzeni kuwe na? ngokuba umusa wakho unjengefu lokusa, nanjengamazolo amuka ekuseni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 6:4
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha kukho konke lokhu udadewabo okhohlisayo, uJuda, akabuyelanga kimi ngenhliziyo yonke, kuphela ngokuzenzisa nje,” usho uJehova.


“Mina bengithi: “ ‘Ngiyakukubeka kanjani phakathi kwabantwana, ngikuphe izwe elinxanelekayo, ifa elihle kakhulu ezizweni!’ Ngathi: Niyakungibiza ngokuthi ‘Baba’, ningabuyi ekungilandeleni.


Nina-ke seniphendukile namuhla, nenza okulungile emehlweni ami ngokumemezela ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, nenza isivumelwano ngaphambi kwami endlini ebizwa ngegama lami.


Kepha laba bantu banenhliziyo eyambukileyo nehlubukileyo; bambuka, bahamba.


“Ngingakuthethelela kanjani na? Abantwana bakho bangishiyile, bafunga okungesibo onkulunkulu. Ngabafungisa, kepha baphinga, babuthana endlini yezifebe.


Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?


Ngalokho uJehova Sebawoti usho kanje, uthi: “Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye, ngokuba ngingenze njani ngenxa yendodakazi yabantu bami na?


“Ngingakunikela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele, Israyeli, na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikubeke ufane neSeboyimi, na? Inhliziyo iyaphenduka phakathi kwami, sonke isihawu sami sivusiwe.


Ngalokho bayakuba njengamafu okusa, nanjengamazolo amuka ekuseni, nanjengamakhoba aphephethwa esibuyeni nomusi ophuma ngefasitele.


“Lapho bengiyakumphulukisa u-Israyeli, bambulelwa ububi buka-Efrayimi nokubi kweSamariya, ngokuba benza inkohliso, amasela ayafohla, nabaphangi baphanga ngaphandle.


kepha kanampande phakathi kwakhe, kodwa uhlala isikhashana nje, kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane.


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wamnika u-Egiloni inkosi yakwaMowabi amandla phezu kuka-Israyeli, lokhu benze okubi emehlweni kaJehova.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka