Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 5:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Yizwani lokhu nina bapristi, nilalele nina ndlu ka-Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi, ngokuba ukwahlulela kukinina, lokhu nanilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 “Yizwani lokhu nina baphristi, nilalele nina ndlu ka-Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi, ngokuba ukwehlulelwa ngokwenu, phela nibe wugibe eMizpha nenetha elendlaliweyo eThabhori.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Yizwani lokhu, nina bapristi! lalelani nina ndlu ka-Israyeli! lalelani nina ndlu yenkosi! ngoba ukwahlulela kuyeza phezu kwenu, ngoba benilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 5:1
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba ngibayalile nokubayala oyihlo osukwini engabakhuphula ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla, ngibayalile, ngathi: “Yizwani izwi lami.”


Yisho kuyo inkosi nakuyo indlovukazi ukuthi: “Hlalani phansi ngokuzithoba, ngokuba izigqoko zenu ziwile phansi, umqhele wodumo lwenu.”


“Kuphila kwami,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti, “impela njengeThabori phakathi kwezintaba, nanjengeKarmeli ngaselwandle, kanjalo uyakufika.


Kanjalo iBethele liyakwenza kini ngenxa yobubi benu obukhulu; ekuseni inkosi yakwa-Israyeli iyakunqunywa nokunqunywa.


Ngitheleka phezu kwabo njengebhere* elaphuciwe amawundlu alo, ngidwengula ubhedu lwenhliziyo, ngibadle njengengonyamakazi, isilwane sasendle sibaqaqe.


Yizwani izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, lokhu kungekho qiniso, namusa, nakumazi uNkulunkulu ezweni.


Njengabaphangi beqamekela umuntu, isigaba sabapristi siyabulala endleleni eya eShekemi, yebo, benza okunengekayo.


umprofethi engumlindi ka-Efrayimi kanye noNkulunkulu wami, ugibe lomthiyi wezinyoni lukuzo zonke izindlela zakhe, nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.


Yizwani lokhu nina badala, nibeke indlebe nina nonke enihlezi ezweni. Kwake kwaba khona emihleni yenu noma emihleni yawobaba na?


Yizwani leli zwi uJehova alikhulumile ngani bantwana bakwa-Israyeli, ngawo wonke umndeni engawukhuphula ezweni laseGibithe, ngokuthi:


“Izindawo eziphakemeyo zika-Isaka ziyakuchithwa, nezindlu ezingcwele zakwa-Israyeli ziyakuqothulwa, ngivukele indlu kaJerobowamu ngenkemba.”


Ngathi: “Zwanini nina zinhloko zakwaJakobe, nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli ukuthi: Akusikho okwenu ukwazi ukulunga


Ake nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli eninengwa ngukwahlulelwa, nihlanekezela konke ukulunga,


Abathembekileyo babhubhile emhlabeni, akakho oqotho phakathi kwabantu; bonke baqamekela igazi; bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.


“Indodana idumisa uyise, nenceku inkosi yayo; uma nginguyise, kuphi ukudunyiswa kwami? Uma ngiyinkosi, kuphi ukwesatshwa kwami?” usho uJehova Sebawoti, “kinina bapristi enilidelela igama lami.” Nokho nithi: “Silidelele kanjani igama lakho na?”


“Manje lo myalo ungowenu bapristi.


Bamtshela uSisera ukuthi uBaraki indodana ka-Abinohama ukhuphukele entabeni yaseThabori.


Wathuma wabiza uBaraki indodana ka-Abinohama waseKedeshi Nafetali, wathi kuye: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akayalanga yini ngokuthi: ‘Hamba usondele entabeni yaseThabori, uye nabantu abayizinkulungwane eziyishumi babantwana bakwaNafetali nabantwana bakwaZebuloni, na?


Wahamba iminyaka ngeminyaka ezungeza, waya eBethele, naseGiligali, naseMispa; wahlulela u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo.


USamuweli wathi: “Buthani wonke u-Israyeli eMispa; ngiyakunikhulekela kuJehova.”


Babuthana eMispa, bakha amanzi, bawathulula phambi kukaJehova, bazila ngalolo suku, bathi khona: “Sonile kuJehova.” USamuweli wahlulela abantwana bakwa-Israyeli eMispa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka