Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 4:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Kukhona ukufunga nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga; bayafohla, izingazi zilandele izingazi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 “Kukhona ukuqalekisa nokukhohlisa, ukubulala, nokweba, nokuphinga, bayadlebeleka, kugobhoza igazi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngokuthuka, nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga, bayafohla, igazi lithinta igazi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 4:2
42 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UKayini wakhuluma ku-Abela umfowabo, wathi: “Masiye endle.” Kwathi besendle, uKayini wasukela umfowabo u-Abela, wambulala.


Umhlaba wonakalisiwe phansi kwabakhileyo kuwo, ngokuba beqile imithetho, badlulile ezimisweni, baphulile isivumelwano esiphakade.


“Yizwa lokhu wena ndlu kaJakobe obiziwe ngegama lika-Israyeli, waphuma emanzini akwaJuda, ofunga igama likaJehova, odumisa uNkulunkulu ka-Israyeli, kungengaqiniso nakulunga kodwa.


Ngokuba o-Israyeli noJuda abashiywanga nguNkulunkulu wabo, uJehova Sebawoti, noma izwe labo ligcwele icala koNgcwele ka-Israyeli.


Njengomthombo umpompoza amanzi awo, kanjalo umpompoza ububi bawo; ubudlova nokubhubhisa kuzwakele phakathi kwawo; ukugula namanxeba kukhona phambi kwami njalo.


Kungenxa yezono zabaprofethi balo nobubi babapristi balo ababechitha igazi labalungileyo phakathi kwalo.


“Yenza iketanga, ngokuba izwe ligcwele amacala egazi, nomuzi ugcwele ubudlova.


Nilime ububi, navuna okubi; nidlile izithelo zamanga, ngokuba nethemba endleleni yenu nakubo ubuningi bamaqhawe enu.


Bakhuluma amazwi nje, befunga amanga, benza isivumelwano; bese kumila ukwahlulela njengenhlungunyembe emiseleni yamasimu.


U-Efrayimi ungizungezile ngamanga, nendlu yakwa-Israyeli ngenkohliso; uJuda usazulazula kuNkulunkulu nakoNgcwele othembekileyo.


U-Efrayimi ucunulile ngokubabisayo; icala lakhe legazi liyakuphonswa phezu kwakhe; iNkosi yakhe ibuyisele kuye ihlazo lakhe.


Abahlubuki bashone phansi ngokuhlaba kwabo, kepha ngingumlayi wabo bonke.


IGileyadi lingumuzi wabenza okubi, linemikhondo yegazi.


Njengabaphangi beqamekela umuntu, isigaba sabapristi siyabulala endleleni eya eShekemi, yebo, benza okunengekayo.


“Lapho bengiyakumphulukisa u-Israyeli, bambulelwa ububi buka-Efrayimi nokubi kweSamariya, ngokuba benza inkohliso, amasela ayafohla, nabaphangi baphanga ngaphandle.


“Ngobubi babo bayathokozisa inkosi, nezikhulu ngamanga abo.


Bayiziphingi bonke; banjengeziko elishiswa ngumphekisinkwa oyeka ukukhwezela kusukela ekuxovweni kwenhlama kuze kube sekubileni kwayo.


nina enizonda okuhle, nithanda okubi, enebula kubo isikhumba sabo, nenyama yabo emathanjeni abo,


Ake nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli eninengwa ngukwahlulelwa, nihlanekezela konke ukulunga,


Kusekhona inzuzo embi endlini yababi, ne-efa* elincane eliqalekiswayo, na?


Abathembekileyo babhubhile emhlabeni, akakho oqotho phakathi kwabantu; bonke baqamekela igazi; bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.


Wo kohlubukileyo nongcolileyo, muzi ocindezelayo!


Yayisithi kimi: “Nasi isiqalekiso esiphumela ebusweni bomhlaba wonke, ngokuba ngokusho kwaso bonke abebayo bayakunqunywa lapha, nabo bonke abafungayo bayakunqunywa lapha ngokusho kwaso.


“Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: ‘Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo,


ukuba kufike phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kube segazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare.


Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe,


“ ‘Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba uJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe.


ababulala neNkosi uJesu nabaprofethi, basixosha nathi, bengamthokozisi uNkulunkulu, bemelana nabantu bonke,


Ngase ngibona owesifazane edakiwe yigazi labangcwele negazi lawofakazi bakaJesu. Kuthe lapho ngimbona, ngamangala ngokumangala okukhulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka