Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 11:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 U-Efrayimi ungizungezile ngamanga, nendlu yakwa-Israyeli ngenkohliso; uJuda usazulazula kuNkulunkulu nakoNgcwele othembekileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 U-Efrayimi ungizungeze ngamanga, nendlu ka-Israyeli ngenkohliso; uJuda uvukelana noNkulunkulu noNgcwele othembekileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 U-Efrayimi ungihaqile ngamanga, nendlu ka-Israyeli ngenkohliso, kepha uJuda usabusa noNkulunkulu, uthembekile kwabangcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 11:12
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Eyokuqala inegama lokuthi iPishoni; yiyo ezungeza izwe lonke laseHavila, lapho kukhona igolide.


Wathi: “Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha u-Israyeli,* ngokuba ulwile noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”


Kepha bamthopha ngomlomo wabo, baqamba amanga kuye ngolimi lwabo;


Yathi iNkosi: “Ngenxa yokuba laba bantu besondela, bangidumise ngemilomo yabo nangezindebe zabo, kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo, nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,


Udla umlotha; inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile; akanakophula umphefumulo wakhe nokuba athi: “Akukho yini amanga kwesokunene sami na?”


Nilime ububi, navuna okubi; nidlile izithelo zamanga, ngokuba nethemba endleleni yenu nakubo ubuningi bamaqhawe enu.


U-Efrayimi uyadla umoya, ulandela umoya wasempumalanga; uyandisa imihla yonke amanga nencithakalo; benza isivumelwano ne-Asiriya, namafutha ayiswa eGibithe.


IKhanani linesilinganiso esikhohlisayo esandleni salo, lithanda ukukhahlameza.


“Noma wena Israyeli ufeba, uJuda makangazitholeli icala; ningayi eGiligali, ningenyukeli eBeti Aveni, ningafungi ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova.’


“Kukhona ukufunga nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga; bayafohla, izingazi zilandele izingazi.


Bayabuyela, kepha hhayi kongaPhezulu, bafana nomnsalo ogejayo; izikhulu ziyakuwa ngenkemba ngenxa yolaka lolimi lwabo. Lokhu kuyakuba yinhlekiso yabo ezweni laseGibithe.


“Ngobubi babo bayathokozisa inkosi, nezikhulu ngamanga abo.


“Abacebileyo bawo bagcwele ubudlova, nabakhileyo kuwo bakhuluma amanga, nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.


Anazi yini ukuthi abangcwele bayakwahlulela izwe na? Kepha uma izwe lahlulelwa yinina, anifanele ukunquma namacala amancane na?


nowasenza sibe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu uYise, kuye makube yinkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


“Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


wabenza babe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu, babuse emhlabeni.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka