Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 1:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Abantwana bakwaJuda nabantwana bakwa-Israyeli bayakubuthana ndawonye, bazimisele inhloko ibe nye, bakhuphuke ezweni, ngokuba luyakuba lukhulu usuku lukaJizreyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 Abantu bakwaJuda nabakwa-Israyeli bayakuhlangana ndawonye, bazikhethele inhloko ibe yodwa, bakhuphuke ezweni, ngokuba luyakuba lukhulu usuku lukaJizreyeli.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Khona abantwana bakwaJuda nabantwana bakwa-Israyeli bayakubuthana, bazikhethele umholi oyedwa, bakhuphuke baphume ezweni, ngokuba luyoba lukhulu usuku lwaseJizreyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 1:11
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho; ebuhleni bobungcwele abasha bakho bavela njengamazolo esizalweni sokusa.


Isikhulu sakhe siyakuba ngesiphuma kuye, nombusi wakhe uyakuvela phakathi kwakhe; ngiyakumsondeza, asondele kimi, ngokuba ngubani oke waba nesibindi sokusondela kimi na?’ usho uJehova.


Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ usho uJehova, ‘lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami o-Israyeli noJuda,’ usho uJehova, ‘ngibabuyisele ezweni engalinika oyise ukuba balidle.’ ”


Maye, lukhulu lolo suku, alukho olunjengalo! Kuyisikhathi sokuhlupheka kukaJakobe, kepha uyakusindiswa kukho.


“Kepha yilesi esiyisivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku,” usho uJehova: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilinini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami;


Bheka, ngiyakubabutha emazweni onke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo yami, nangokufutheka kwami, nangolaka olukhulu, ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile,


Ngiyakumbuyisela u-Israyeli ekhaya lakhe, aklabe eKarmeli naseBashani, umphefumulo wakhe waneliswe ezintabeni zakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.


“Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJakobe, ngihawukele yonke indlu yakwa-Israyeli, ngibe nomhawu ngegama lami elingcwele.


“Bese nibiza abafowenu ngokuthi u-Ami, nawodadewenu ngokuthi uRuhama.


Ngasemuva abantwana bakwa-Israyeli bayakubuya, bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, babuyele kuJehova benovalo nakukho okuhle kwakhe ngezinsuku ezizayo.


Ngokuba uma ukulahlwa kwabo kungukubuyiswa kwezwe, ukwamukelwa kwabo kungaba yini, uma kungesikho ukuphila kwabafileyo na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka