Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 9:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 AbaJuda babuthana emizini yabo ezifundeni zonke zenkosi u-Ahashiveroshi ukuba babeke izandla kulabo ababefuna ukubalimaza; akubangakho ongamelana nabo, ngokuba abantu bonke babehlelwe yingebhe ngabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Kuzo zonke izifundazwe zenkosi u-Ahasheveroshi, nakuyo yonke imizi lapho kwakuhlala khona abaJuda, abaJuda bahlangana ukuzobulala bonke ababekade befuna ukubabhubhisa. Akukho namunye owayezomelana nabaJuda, ngokuba zonke izizwe zase zibesaba kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 AbaJuda babuthana emizini yabo kuzo zonke izifunda zenkosi u-Ahashiveroshi ukuba babeke izandla phezu kwababefuna okubi kwabo; futhi akekho owayengamelana nabo; ngoba ukwesaba kwabo kwehlela phezu kwabantu bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 9:2
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Base bemuka; ukumesaba uNkulunkulu kwakuphezu kwemizi eyayikhona nxazonke; abawaxoshanga amadodana kaJakobe.


inkosi eyavumela ngakho abaJuda ababesemizini ngemizi ukuba babuthane, bamele ukuphila kwabo, bachithe, babulale, babhubhise onke amabutho abantu nawesifunda abahlaselayo, izingane nabesifazane, impahla yabo ibe yimpango,


Ezifundeni zonke nasemizini yonke lapho kufika khona izwi lenkosi nomthetho wayo, abaJuda babe nokuthokoza nokujabula, nedili, nosuku oluhle. Abezizwe abaningi baphenduka abaJuda, ngokuba babehlelwe yingebhe ngabaJuda.


amadodana ayishumi kaHamani indodana kaHamedatha, isitha sabaJuda, kepha ababekanga izandla zabo empangweni.


Abamelene nomphefumulo wami mabajabhe, baphele; abangifunela umonakalo mabembathe amahloni nenhlamba.


Ulimi lwami futhi luzakukhuluma lonke usuku ngokulunga; ngokuba badunyaziwe, bajabhisiwe abangifunela umonakalo.


“Ngiyakuthuma ukwesabeka kwami phambi kwakho, ngibasanganise bonke abantu ozakufika kubo, ngenze ukuba zonke izitha zakho zikufulathele.


Bhevani nina zizwe, niyakuphela amandla nokho; bekani indlebe nina mazwe onke akude: zibhinceni, kepha niyakudangala, yebo, zibhinceni, niyakuphela amandla nokho.


Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza lukhuni umoya wakhe, wenza ukuba ibe nenkani inhliziyo yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.


Ngokuba kwavela kuJehova ukwenza lukhuni izinhliziyo zabo ukuba bahlangabezane no-Israyeli ngokulwa, ukuze abaqothule, angabahawukeli, kepha abachithe, njengalokho uJehova ebemyalile uMose.


wathi kumadoda: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka