Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 6:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UMoridekayi wabuyela esangweni, kepha uHamani waphuthuma ekhaya ekhala, embozile ikhanda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 UMoridekhayi wayesephindela esangweni lesigodlo, kodwa uHamani washesha waqonda emzini wakhe, ezemboze ubuso ngenxa yokuhlazeka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UMoridekayi wabuye wafika esangweni lenkosi; Kepha uHamani waphuthuma endlini yakhe, elila, ezimboze ikhanda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 6:12
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yeminqumo, enyuka ekhala, egubuzele ikhanda, engenazicathulo; bonke abantu ababenaye bagubuzela, kwabayilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka, benyuka bekhala.


Lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wayibophela imbongolo yakhe, wasuka, waya ekhaya emzini wakhe, wayala ngendlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.


Inkosi yakwa-Israyeli yaya endlini yayo ihluneme, ithukuthele, yeza eSamariya.


U-Ahabi wangena endlini yakhe ehluneme, ethukuthele ngenxa yezwi abelikhulume kuye uNaboti waseJizreyeli; ngokuba wayeshilo ukuthi: “Angiyikukunika ifa lawobaba.” Walala embhedeni, waphendula ubuso, akadlanga lutho.


Wathi kuye: “Ngokuba ngakhuluma kuNaboti waseJizreyeli, ngathi kuye: ‘Ngiphe isivini sakho ngesiliva; kepha uma uthanda, ngiyakukunika esinye isivini esikhundleni saso;’ kodwa wathi: ‘Angiyikukunika isivini sami.’ ”


U-Azariya, umpristi omkhulu, nabo bonke abapristi bambuka; bheka, wayenochoko ebunzini lakhe; bashesha bamkhipha khona; naye waphuthuma ukuphuma, ngokuba uJehova wayemshayile.


Lapho izintombi sezibuthwa ngokwesibili, uMoridekayi wahlala esangweni lenkosi.


UHamani wathatha-ke isambatho nehhashi, wamembathisa uMoridekayi, wamkhwelisa esigcawini somuzi, wamemeza phambi kwakhe ngokuthi: “Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.”


Inkosi isibuya ensimini yendlu yenkosi, ingene endlini yedili lewayini, uHamani wayesewele embhedeni u-Esteri ayekuwo. Yayisithi inkosi: “Uyakuyiphoqa inkosikazi phambi kwami lapha endlini na?” Lapho liphuma leli zwi emlonyeni wenkosi, bamboza ubuso bukaHamani.


ukuthi ukujabula kwababi kufushane, nokuthokoza kwabangenaNkulunkulu kungokokuphazima kweso nje, na?


Umhlaba unikezwe esandleni sababi; uyasibekela ubuso babahluleli bawo; uma kungesiye, pho, ngubani na?


USamuweli walala kwaze kwasa, wavula iminyango yendlu kaJehova. USamuweli wesaba ukumtshela u-Eli umbono.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka