Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 3:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Uma kukuhle enkosini, makulotshwe ukuba sichithwe; ngiyakukhokhela amatalenta* ayizinkulungwane eziyishumi esiliva ezandleni zabenza umsebenzi wenkosi, ayiswe esikhwameni senkosi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Uma kukuhle enkosini, makulotshwe ukuba sibhujiswe, mina ngizokhokha amathalenta ayizi-10 000 esiliva kulabo abenza umsebenzi wenkosi, ukuze afakwe engcebeni yenkosi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Uma kukuhle enkosini, makulotshwe ukuba babhujiswe, futhi ngiyakunikela amathalenta ayizinkulungwane eziyishumi esiliva ezandleni zalabo abanandaba ukuze bawangenise engcebweni yenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 3:9
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abrahama wamuzwa u-Efroni; u-Abrahama wamlinganisela u-Efroni isiliva abelishilo ezindlebeni zabantwana bakwaHeti, amashekeli angamakhulu amane esiliva, avunywa ngabathengisi.


Inkosi yakhumula indandatho yayo esandleni sayo, yayinika uHamani indodana kaHamedatha umAgagi isitha sabaJuda.


UHamani wathi enkosini u-Ahashiveroshi: “Kukhona isizwe esithile esihlakazekile, sisakazekile phakathi kwabantu bezifunda zonke zombuso wakho; nemithetho yaso yahlukene neyezizwe zonke; futhi asigcini imithetho yenkosi; ngalokho akufanele ukuba inkosi isiyeke.


UMoridekayi wamtshela konke okumehleleyo nenani lemali uHamani ayethembisile ukulikhokhela esikhwameni senkosi ngabaJuda ukuba babhujiswe.


ngokuba kuthengisiwe ngathi, mina nesizwe sakithi, ukuba sichithwe, sibulawe, sibhubhe. Uma bekuthengisiwe ngathi sibe yizigqila nezigqilakazi kuphela, ngabe ngithulile, ngokuba usizi lwethu alwanele ukuba sisinde inkosi.”


Ngalokho kwasondela ngaleso sikhathi amadoda amaKaledi, ahleba abaJuda.


Kwathi eseqale ukubala, kwalethwa kuye enye enecala lamatalenta* ayizinkulungwane eziyishumi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka