Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 3:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Lapho uHamani ebona ukuthi uMoridekayi akakhothamanga, kakhulekanga kuye, uHamani wagcwala ulaka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 UHamani ebona ukuthi uMoridekhayi akamguqeli, futhi akamkhothameli, wacasuka kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Lapho uHamani ebona ukuthi uMoridekayi akakhothama futhi akamhloniphanga, uHamani wathukuthela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 3:5
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha inkosikazi uVashiti yenqaba ukuza ngesiyalezo senkosi ngesandla sezinduna; ngalokho inkosi yathukuthela kakhulu, ulaka lwayo lwashisa phakathi kwayo.


Zonke izinceku zenkosi ezazisesangweni lenkosi zakhothama, zakhuleka kuHamani, ngokuba inkosi iyale kanjalo ngaye. Kepha uMoridekayi akakhothamanga, kakhulekanga kuye.


Kwathi zikhuluma kuye imihla ngemihla, engazilaleli, zamtshela uHamani ukuba zibone ukuthi amazwi kaMoridekayi ayakuma yini, ngokuba wayezitshelile ukuthi ungumJuda.


UHamani waphuma khona ngalolo suku, ethokoza enenhliziyo enhle; kepha lapho uHamani embona uMoridekayi esangweni lenkosi ukuthi akasukumanga, kanyakazanga ngaye, uHamani wagcwala ulaka ngoMoridekayi.


Ngokuba isiwula siyabulawa ngukukhathazeka, nomhawu uyachitha oyisiphukuphuku.


Omubi uyamsongela olungileyo ngokubi, amgedlele amazinyo.


Ukukhathazeka kwesiwula kuyaziwa ngosuku, kepha oqondileyo uyasibekela ihlazo.


Onolaka olukhulu uyathweswa ihlawulo, ngokuba uma umophula, umelwe ukukuphinda.


Ozidlayo nozigabisayo, yisideleli igama lakhe, yena osebenza ngokuziphakamisa okukhulu.


ubuwula bubekwa ezindaweni eziningi eziphakemeyo, kepha abacebileyo bahlala kweziphansi.


Khona uNebukadinesari wagcwala ukufutheka, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa yoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sishiswe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okuke kwabonwa sishiswa ngakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka