Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 3:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kwase kubizwa abalobi benkosi ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nantathu lwayo, kwalotshwa njengakho konke uHamani ayala angakho othulasizwe benkosi, nababusi ababephethe izifunda ngezifunda, nezikhulu zezizwe ngezizwe, izifunda ngezifunda njengokubhala kwazo, nezizwe ngezizwe njengolimi lwazo; kwalotshwa egameni lenkosi u-Ahashiveroshi, kwanamathiselwa ngendandatho yenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Kuthe ngosuku lwe-13 ngenyanga yokuqala, kwabizwa bonke onobhala benkosi. UHamani wabayala ukuba babhale konke ayebatshela khona, bakuhumushele kuzo zonke izilimi, ezincwadini eziya kuzo zonke izifundazwe, bese bekuthumelela iziphathimandla zenkosi, nababusi, nabaholi babantu, nakuzo zonke izifundazwe; kwabhalwa egameni lenkosi u-Ahasheveroshi, kwasicilelwa ngendandatho yayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Base bebizwa ababhali benkosi ngosuku lweshumi nantathu lwenyanga yokuqala, kulotshiwe njengakho konke uHamani ayekushilo ezikhulwini zenkosi nakubabusi ababephezu kwezifunda zonke, nakubabusi babo bonke abantu abavela emazweni. Isifunda ngasinye ngombhalo waso, nabantu, yileso naleso ngolimi lwaso; kwalotshwa egameni lenkosi u-Ahashiveroshi, kwatywinwa ngendandatho yenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 3:12
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayeseloba izincwadi egameni lika-Ahabi, wazinamathelisa ngophawu lwakhe, wazithuma izincwadi kumalunga nakwabakhulu ababesemzini wakhe, abakhe kanye noNaboti.


Banika imithetho yenkosi kothulasizwe benkosi nakubabusi phesheya koMfula;* basekela abantu nendlu kaNkulunkulu.


yathuma izincwadi ezifundeni zonke zenkosi, ezifundeni ngezifunda njengokubhala kwazo nasezizweni ngezizwe njengezilimi zazo ukuba yilowo nalowo muntu abuse endlini yakhe, akhulume ngolimi lwesizwe sakubo.


Inkosi yathi kuHamani: “Isiliva liyanikwa wena, nesizwe futhi, ukuba wenze kuso okuhle emehlweni akho.”


Inkosi yakhumula indandatho yayo ebiyisusile kuHamani, yayinika uMoridekayi. U-Esteri wambeka uMoridekayi phezu kwendlu kaHamani.


abaJuda banquma bamukela, bona nenzalo yabo, nabo bonke ababezihlanganisa nabo, ukuthi bayakugcina lezo zinsuku zombili njengokubhalwa kwazo nanjengesikhathi sazo esinqunyiweyo iminyaka yonke, bangaphuthi,


Wena nkosi ukhiphe isimemezelo sokuba bonke abantu abezwa ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu,* nomqangala, nogubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa bawe phansi, bakhuleke esithombeni segolide,


Asondela, akhuluma phambi kwenkosi ngesiyalezo senkosi, athi: “Asithi ulobile isiyalezo sokuthi yilowo nalowo ocela nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama na?” Inkosi yaphendula yathi: “Iqinisile leyo nto ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.”


Ayesebuthana lawo madoda enkosini, athi enkosini: “Yazi, nkosi, ukuthi kungumthetho wamaMede namaPheresiya ukuba kungaguqulwa isiyalezo nesimiso esimiswa yinkosi.”


UDariyu inkosi wayeselobela bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezikhona emhlabeni wonke ukuthi: “Ukuthula makwande kinina.


Kalokhu, nkosi, simemezele isiyalezo, ulobe umbhalo ukuba ungaguqulwa ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka