Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




EkaJuda 1:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Maye kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKayini, bagijimela ekudukeni kukaBalami ngenxa yomvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 Maye, kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKhayini, bagijimela nasephutheni likaBhalamu alenza ngenxa yomvuzo; babhubha njengoKhora owahlubukayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Maye kubo! ngoba bahambe ngendlela kaKhayini, bagijimela ukuduka kukaBalami ukuze bathole umvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Maye kubo! ngoba bahambe ngendlela kaKhayini, bagijimela ukuduka kukaBalami ukuze bathole umvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




EkaJuda 1:11
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Uriya umpristi wenza njengakho konke inkosi u-Ahazi eyale ngakho.


Maye komubi! Kuyakuba kubi kuye, ngokuba uyakubuyiselwa izenzo zezandla zakhe.


Ukukhetha kwabo ubuso kuyafakaza ngabo; benza izono zabo obala njengeSodoma, abazifihli. Maye kuyo imiphefumulo yabo! Ngokuba bazenzele okubi.


Ukuphinga kwakho nokuyiyiza kwakho, ukukhanuka kobufebe bakho nezinengiso zakho, ngikubonile emagqumeni asendle. Maye kuwe Jerusalema! Awuyikuhlambuluka koze kube nini na?”


Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kubaprofethi abayiziwula, abalandela umoya wabo nabangakubonanga!


Bantu bami, ake nikhumbule okwacetshwa nguBalaki inkosi yakwaMowabi, nalokho amphendula ngakho uBileyamu indodana kaBeyori, nokwakuphakathi kweShithimi neGiligali, nize nazi izenzo ezilungileyo zikaJehova.”


“Maye kumalusi oyisiwula oshiya izimvu! Inkemba iyakuba sengalweni yakhe nasesweni lakhe lokunene; ingalo yakhe iyakubuna nokubuna, neso lakhe lokunene liyakufiphala nokufiphala.”


Bhekani, laba benza ukuba abantwana bakwa-Israyeli ngesiluleko sikaBileyamu baphambeke kuJehova ngendaba yasePeyori, kwaba khona isifo phakathi kwenhlangano kaJehova.


“Maye kuwe Korazini! Maye kuwe Betsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka ngesaka nangomlotha.


ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe, nangokuba baqasha ukuba kumelane nawe uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori laseMesopotamiya ukuba akuqalekise.


Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunoKayini, athola ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu uqobo efakaza ngezipho zakhe; nangakho usakhuluma, noma efile.


beshiya indlela eqondileyo beduka, belandela indlela kaBalami kaBeyori owathanda umvuzo wokungalungi,


kungabi njengoKayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kepha eyomfowabo yayilungile.


“Nokho kukhona okuyingcosana enginakho ngawe, ngokuba unabo lapho ababambisisa isifundiso sikaBalami owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli sokuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuba bafebe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka